INHLANGANO ebhekelele ukukhishwa kwezibonelelo zikahulumeni iSouth African Social Security Agency ithi amaphaphu phansi kwabahola izibonelelo ngoba bazozithola uma kuqala u-Okthoba.
AbakwaSassa basho lokhu emuva kokuthi abahola izibonelelo betshelwe ukuthi iNational Education Health and Allied Workers Union (Nehawu) iza nokhukhulelangoqo wesiteleka ongaholela ekutheni bangayitholi imali yabo ngo-Okthoba.
Izolo uMnuz Paseka Letsatsi obhekelele ezokuxhumana kwaSassa uthe asikho isiteleka futhi le nhlangano ikulungele ukuholela abantu izibonelelo zabo zika-Okthoba.
“Asikho isiteleka kwaSassa. Abaphathi bakwaSassa bazoxoxisana nabaphathi beNehawu ukulungisa izingqinamba ezikhona.Siyazi ukuthi iNehawu ibakhathalele abantu baseNingizimu Afrika abathola izibonelelo zikahulumeni, kuzothi kuphela isonto sibe sesibile nomhlangano. Izinhlangano zokuholela abantu izibonelelo zabo ngo-Okthoba zihamba kahle,” kusho uLetsatsi.
Esitatimendeni iNehawu ithe inqume ukuteleka emuva kokuthi iSassa ihlulekile wukuhlonipha umthetho wabasebenzi njengoba amalungu ayo esephoqwa ukuthi afake abantu ohlelweni olusha lokuholela abathola izibonelelo zikahulumeni.
Ithe ifuna lumiswe uhlelo olusha oluphoqelelwa kubasebenzi bakwaSassa futhi ifuna kuxoxiswane nabathola izibonelelo ngalolu hlelo ukuze baluqonde kahle.
Ifuna kubhekwe umsebenzi ofanele wukwenziwa ngabaholela izibonelelo futhi uma kuwukuthi uhlelo olusha lokuholela abantu ngezithupha zabo luyaqhubeka, abasebenzi banikezwe amaphuzu ngokulwenza.
Ithe isiteleka sayo sizoqala ngo-Okthoba 10 ngoba isematasa nokuxoxisana nabasebenzi nezinye izinhlaka ezithintekayo.