IQOKE ukuyoziqinisa enyangeni iMeya ye-IFP entsha kuMasipala waseNdumeni ngenxa yokuba nyamanambana eqenjini ngoba isolwa ngokuvota ne-ANC.
UMnuz Thabani Mlotshwa obuye abe yikhansela laseGlencoe, okuyiyo kuphela i-ward ephethwe i-IFP, ukhethwe esikhundleni ngoLwesihlanu.
Emhlanganweni kwenzeke obekungalindelekile isikhundla sikaSomlomo sithathwe uMnuz Lucky Khumalo we-ANC.
Kusuka lapho amanye amakhansela e-IFP nawe-DA ne-EFF avele aphuma aduba esola uMlotshwa ngokuba umdayisi.
Amalungu e-IFP abengeneme amchaphe ngezinhlamba ethi ngeke alibuse elaseNdumeni ngoba udayise ngeNkatha.
“Isimo sibi ngakho sivele samluleka ukuba ayoqina ngokwesintu njengendoda. Uma kunje indoda isuke isidinga okungamakhathakhatha,” kusho esinye sezihlobo zikaMlotshwa.
UMlotshwa uzanywe kaningi ocingweni lungangeni ukuze aphawule.
Ngalo uLwesihlanu ubuholi obusha bumise iMenenja kamasipala, uMnuz Sya Ntuli ngezinsolo zenkohlakalo kodwa unqabile ukusayina incwadi. USomlomo omusha, uKhumalo we-ANC uthe yize bewuKhongolose kodwa bavotele uMlotshwa ngoba bembona ukuthi ufuna ukuthuthukisa iNdumeni alwe nenkohlakalo.
“Siyakuphika ukuthi uMlotshwa uvote nathi ngoba ivoti lomuntu liyimfihlo kodwa thina simvotele, asibanga nawo umona ngoba sibone ubuqotho bakhe,” kusho uKhumalo.
ObeyiMeya yaseNdumeni, uMnuz Sboniso Mbatha uthe uzimisele ukubuyela esikhundleni sobumeya ngoba imcasulile indaba yokubona kudayiswa ngeNkatha libalele. Umholi wesiyingi uMnuz Xolani Msezane uthe beyiqembu bajabule ngemiphumela ngoba ikhomba ukuthi i-IFP izokhula ngonyaka ozayo babuyise ngokugcwele iNdumeni ngo-2021.
UMnuz Joshua Mazibuko oyilungu lesigungu se-IFP ucashunwe ezindabeni zeSABC ethi udaba lwaseNdumeni bazoluxoxa namhlanje esigungwini esiphezulu seqembu.
Okhulumela uMnyango wezokuBusa mokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMnuz Lennox Mabaso uthe bajabule ukuthi ekugcineni iNdumeni isinobuholi obuzogxila ekuhanjisweni intuthuko kubantu. NgoLwesihlanu amakhansela e-IFP naweDA ne-EFF aphuma emhlanganweni kodwa uMlotshwa wasala nakaKhongolose wathi akayi ndawo okwenza isibalo savuma ukuba umhlangano uqhubeke. UMlotshwa ubeyintandokazi ye-IFP inqoba i-ward yaseGlencoe.