LIKHWELE ladilika ijaji ngokudembesela kwamaphoyisa aseMlaza, ngokuthi yikhona okwaholela ekubulaweni kwenqwaba yabantu bomndeni wakwaMzila.
Ijaji uPhillip Nkosi likusho lokhu ngesikhathi lilahla ngamacala uSanele Makhanya (27), izolo eNkantolo eNkulu yaseThekwini.
UMakhanya ulahlwe ngamacala angu-20 emacaleni angu-26 abebekwe wona, ayisithupha kuthiwa abukho ubufakazi obanele obumhlanganisa nawo.
UNkosi ngesikhathi ehlulela uMakhanya uthe kuyadumaza ukuthi kwaze kwabulawa abantu kwaMzila ekubeni kwakuqalwe kwadlwengulwa abanye besifazane kodwa abasolwa bengaboshwa.
“Kuyashaqisa futhi ngimangele indlela amaphoyisa akuleya ndawo (eMlaza) enza ngayo ecaleni lokuqala lokudlwengulwa kwabesifazane abathathu, kwangaboshwa muntu. Isigameko sokubulawa kwabantu abangaka kwaMzila sasingeke senzeke ukuba abasolwa baboshwa ngecala lokuqala abalenza lokudlwengula,” kusho uNkosi.
Umshushisi uNkk Noxolo Dube unezele ngokuthi impela kuyashaqisa ukuthi amaphoyisa awazange afike nasendaweni yesigameko lapho kwadlwengulwa khona laba besifazane ekubeni ashayelwa ucingo.
“Laba besifazane badlwengulwa amahora, kusukela ngo-12 ebusuku kwaze kwashaya ihora lesine ezintatha bedlwengulwa. Amaphoyisa afonelwa abasolwa besangena endlini yalaba besifazane kodwa amaphoyisa angafika. Nangakusasa omunye wofakazi uvezile ukuthi wayesababona abasolwa endaweni becanasa, amaphoyisa efonelwa kodwa engafiki ukuzobabopha,” kusho uNkk Dube.
Izigameko zokubulawa kwabakwaMzila nokuhlaselwa kwabantu ethaveni yakhona eMlaza zenzeka ngoFebhuwari 25, ekubeni abesifazane badlwengulwa ngoJanuwari 14 nyakenye.
“Kusobala ukuthi umphakathi wakule ndawo wawuhlalele evalweni ngenxa kaMakhanya nomngani wakhe kodwa bengaboshwa,” kusho uNkosi.
Umngani kaMakhanya, uMnuz Sibonelo Jali, yena wadutshulwa kwaMzila ezama ukubaleka emuva kokudlwengula.
Ngokobufakazi obusenkantolo uMakhanya wabaleka esezwa amaphoyisa esondela, uJali waqhubeka edlwengula owesifazane, waphuma sekusondele amaphoyisa. Wazithela phezu kwamaphoyisa wabe esewadubula nawo aphendula ngezulu lezandla washonela lapho.