I-France izokweseka i-Afrika ngemigomo yeCovid-19 engu-30 million.
UMengameli wakuleli uMnz Cyril Ramaphosa ongusihlalo we-African Union, ngoLwesihlanu umemezele ukuthi uhulumeni waseFrance uzibophezele ekutheni unikele ngemigomo engu-30 million, ezofakwa ohlelweni lokuthenga ngokubambisana imigomo iCovax.
“Singamazwe ase-Afrika sijabule kakhulu ngalo mnikelo njengoba uhulumeni wakuleliya lizwe ezonikela ngemigomo uphinde unikele ngemali engu-500 wama-Euro ozofakwa ohlelweni lwamazwe ase-Afrika lokuthenga imigomo,” kusho uRamaphosa.
URamaphosa ubekhuluma eNyuvesi iPretoria ngemuva komhlangano noMengameli waseFrance, uMnuz Emmanuel Macron. Uthe bebedingida ngezindlela zokulwa nobhubhane lweCovid-19 , ukushintshashintsha kwesimo sezulu, ukuphepha nokuthi lamazwe angasebenzisana kanjani.
“Asikwazi ukulokhu silinde kulayini ukuthi kufike ithuba lethu lokuthi lokuthenga imigomo esinethemba lokuthi yiyo ezohlenga isizwe kulolu bhubhane. Ukulinda kwethu isikhathi eside kusibeka engcupheni yokuthi abantu abaningi bahaqwe yilolu bhubhane ,” kusho uRamaphosa.
Uqhube wathi amazwe ase-Afrika asebenzisana ngokubambisana kwezempilo ukuze abhekane nalolu bhubhane. Uthe lokhu kwenzelwa ukuthi wonke amazwe akwazi ukuhlonza abaneCovid-19.
UMacron uthe bazimisele ngokweseka iNingizimu Afrika ne-Afrika yonkana ukuze izikhiqizela imigomo yeCovid-19 . Uthe kudingeka ukuthi kungabi nezimfihlo mayelana nokuthi imigomo ibiza malini.
"Okunye okumele kubhekisiswe ukuthi kusetshenziswe isayensi nobuchwepheshe ukuze kukhiqizwe imigomo. Ukuze kwenzeke lokhu sidinga ukuthi sitshale izimali emkhakheni wesayensi. I-Ningizimu Afrika ne-Afrika izothola ukwesekwa ukuze ikwazi ukuzikhiqizela eyayo imigomo,” kusho uMacron.
Ephawula ngodaba lwenkampani yezokuxhumana eqashwe wuMnyango wezeMpilo, iDigital Vibes uthe: " Ungqongqoshe ungazisile ngophenyo olwenziwa iSpecial Investigating Unit. “