UMNDENI wowayengunozinti we-Orlando Pirates futhi engukaputeni weBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, ubona sengathi sekuntwela ezansi ngemizamo yokuthola iqiniso ngokufa kwakhe.
Umnewabo kaSenzo, uMnuz Sifiso Meyiwa, uxoxe neSolezwe ngeSonto ngodaba lwe-video esabalale ngoLwesihlanu ezinkundleni zokuxhumana.
I-video kuthiwa ithathwe ngoLwesithathu esiteshini samaphoyisa eDiepkloof, eGoli lapho uChicco Twala enikele emaphoyiseni indodana yakhe, uLongwe Twala, esolwa ngokweba iselula. Kwi-video kuzwakala iphimbo okusolakala ukuthi ngelikaChicco edemelayisa, ethi ziningi izinkinga indodana yakhe esimfake kuzo, ingcolisa igama lakhe, kubalwa nodaba lukaSenzo Meyiwa.
ULongwe ungomunye wabantu ababekhona kubo kaKelly Khumalo eVosloorus, eGoli ngesikhathi kubulawa uSenzo ngo-2014.
“Siyibonile i-video futhi indaba yayo siyisukumele phezulu. Siyidlulisele kubaphenyi becala ne-Afriforum ukuze bayicubungule kabanzi.
"Bachithe usuku lonke bezama ukuthola ukuthi kakukho yini abangahle bakusebenzise kuyona,” kusho uMeyiwa.
FUNDA: Seluphenywa yi-AfriForum elokubulawa kukaSenzo Meyiwa
Uthe i-video ibenze bakholwa wukuthi uChicco kukhulu athule nakho esifubeni sakhe futhi kuyamshisa.
“Siyethemba ukuthi iqiniso lizovela futhi kulo nyaka bonke abathintekayo ekubulaweni kukaSenzo ngeke badabule. Nginesiqiniseko sokuthi ngeke uphele lo nyaka iqiniso lingavelanga,” kusho uMeyiwa.
Uzwelane noChicco ngokuhlukunyezwa yindodana yakhe, wathi kuyacaca ukuthi usekhathele yiyona ngendlela azwakale ebhoka ngayo.
UChicco uzwakala kwi-video echaphe ngenhlamba uLongwe, ethi ufisa kuthi uLongwe abhadle ejele, angaphinde abone ilanga.
Uze ashaye phansi ngonyawo ethi uzophikisa ngisho isicelo sebheyili, uze ayalele amaphoyisa ukuthi amdubule uma ezama ukubaleka.
Ngaleso sikhathi uLongwe obefake ikepisi, ehleli esihlalweni, ubukeka edabukisa, ize iphele i-video engakaze athi vu.
Okhulumela amaphoyisa eGauteng, uCaptain Mavela Masondo, ukuqinisekisile ukuboshwa kukaLongwe ngecala lokweba, wathi uvele enkantolo ngoLwesine.
FUNDA: Umndeni udalula okulibazisa ukuboshwa kwababulali kwelikaSenzo
Okhulumela ihhovisi likaNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz uBheki Cele, uNksz Lirandzu Themba, uthe kakukho okutheni abazokusho ngodaba lwe-video.
"Yini le engaka eshiwo wuChicco, engase idinge ukuthi kube nophenyo? Wuzama ukuthini ngempela? Kangizwa kahle.
Sicela ukungasho lutho okwamanje,’’ kusho uNksz Themba ethumela umqhafazo.
Icala likaMeyiwa kwavela ukuthi liphenywa yithimba elikhethekile elibika kuCele.