UMNDENI wowayeyisitobha seBafana Bafana ne-Orlando Pirates uSenzo Meyiwa unxuse uMengameli wakuleli uMnuz Cyril Ramaphosa noNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele ukuthi bangenelele ukuthola ukuthi kungani uphiko lwezokushushisa lungakwazi ukushushisa ekubulaweni kukaMeyiwa.
Umndeni kaMeyiwa ukusho lokhu ngesikhathi ukhuluma esithangamini nabezindaba ngenhloso yokucacisa ngokuqhubeka kophenyo ekubulaweni kukaMeyiwa. Umzala kaMeyiwa uMnuz Siyabonga Meyiwa uthe ngesikhathi ehlangene nomshushisi u-Advocate Andrew Chauke wamtshela ukuthi amaphoyisa abephenya icala lokubulawa kukaMeyiwa bawashintshile bafaka abanye abaseshi.
"Ukushintshwa kwabaphenyi thina besingakwazi njengomndeni. Namanje asikacaciselwa kahle ngalokho. Sesiyabona manje ukuthi inkinga ayikho emaphoyiseni kepha isophikweni olushushisayo. Amaphoyisa asekwenze konke ebekufanele akwenze, uphiko olushushisayo olusinikeza inkinga," kusho uMeyiwa.
Umndeni uthe wazama ukuthola amaphoyisa ayephethe uphenyo ngaphambilini awAtshela ukuthi akhishwa ophenyweni ngemUva kokuveza ukuthi ngokombono wawo akekho umuntu owangena endlini wadubula uMeyiwa, umbulali wayevele engaphakathi endlini. UMeyiwa uthe uChauke wamtshela okufanayo nabakutshelwa ngamaphoyisa ayephethe uphenyo ukuthi umuntu owadubula uMeyiwa wayevele engaphakathi endlini.
"UChauke wangitshela ukuthi ngebhadi bona abakwazi ukungenelela ophenyweni kuphela banikeza izeluleko kubaphenya becala," kusho yena.
UMeyiwa uthe wazama ukuthungatha umphenyi wecala omusha okwathi uma ecela ifayela kwavela ukuthi umphenyi omusha uBrigadier Perumal. Uthe ngesikhathi ekhuluma noPerumal wakuphika ukuthi nguyena owaqokwa njengomphenyi wecala likaMeyiwa.
"Ngabe sengicela umhlangano noNgqongqoshe wamaphoyisa uMnuz Bheki Cele. UCele wethuka uma ngimtshela ngoPerumal. Sengiqedile emhlanganweni noCele ngahlangana nabaphenyi becala nabo bethuka ukuthi kanti abasekho ophenyweni lukaMeyiwa," kusho yena.
UMeyiwa uthe okwamethusa ukuthi uPerumal waphika ukuthi nguyena umphenyi kodwa kube kunguye owaya ehhovisi likaChauke ukuyothatha idokodo walinika omunye umphenyi amubize ngoGininda (esingalitholanga igama lakhe). Uthe uGininda waba sophenyweni kusukela ngosuku lokuqala, kepha okubaxakayo ukuthi abaphenyi abafuni ukusebenzisa idokodo lesibili elavulwa ngabaphenyi abasha.
"Amaphoyisa kufanele asicacisele ukuthi ayesho ukuthini ngoMeyi 14 uma ethi sekusele kancane alugoqe uphenyo. Sekuphele izinyanga ezine ngithumela imiyalezo kuNgqongqoshe wezokuPhepha uMnuz Ronald Lamola ngimazisa ukuthi nginemininingwane ngodaba lukaSenzo kodwa angikaze ngithole impendulo. Njengamanje sihleli necala elingenamshushisi," kusho uMeyiwa.
AbakwaMeyiwa bakhuluma kanjena nje ungqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele nonyaka ufunge wagomela ukuthi ngeke ushaye ukhisimusi nonyaka bengaboshiwe abasolwa ngokuthinteka ekubulaweni kukaMeyiwa.
"Ngisasho namanje ukuthi udaba lukaSenzo Meyiwa luzoxazululwa kungekudala...nakanjani ngaphambi kukaKhisimusi...nangaphambi kwePhasika lolu daba luzobe seluxazululiwe," kusho uCele ekhuluma ohlelweni lwe-eNCA ngoJanuwari nonyaka.
USenzo wadutshulwa wabulawa eVosloorus eGoli ngo-October ngonyaka ka-201 kubo kwaKelly Khumalo, ayethandana naye ngaleso sikhathi.
Nonyaka ngoJulayi kudlule uyise uMnuz Sam Meyiwa ngemuva kokushaywa yisifo sohlangothi.