UNETHEMBA lokuthi kukhona abazoboshwa maduze umndeni wakwaMeyiwa osuqashe abaphenyi abazimele be-AfriForum ukuphenya ngokubulawa kukaSenzo Meyiwa owadutshulwa wabulawa eVosloorus eGoli ngo-2014.
I-AfriForum ngoLwesibili ibe nesithangami nabezindaba lapho iveze khona ukuthi u-Advocate Gerrie Nel, owayengumshushisi ecaleni lokubulawa kukaNksz Reeva Steenkamp, owabulawa ngu-Oscar Pistorius, uzomela umndeni wakwaMeyiwa kulolu daba.
Isikhulu esiphezulu se-AfriForum uMnuz Kallie Kriel sithe kuyihlazo ukuthi kumele kungenelela abaphenyi abazimele odabeni olufana nalolu.
“Abantu ababulawayo bafanelwe ubulungiswa, imindeni ifanelwe ukubona ubulungiswa benzeka. Sihlangene namhlanje ngalokho. Sithintwe umndeni wakwaMeyiwa ocele ukuthi singenelele sizame ukuxazulula ukubulawa kukaSenzo Meyiwa. Asinanazanga savuma ukubalekelela. Izolo (ngoMsombuluko) sihlanganile savumelana ngokuthi u-Adv Gerrie Nel uzoba ngumshushisi womndeni kuleli cala. Uzophenya leli cala nethimba lethu labaphenyi abazimele,” kusho uKriel.
FUNDA:
UKriel uthe sebenalo iqhinga abazophenya ngalo kanti bazoqala ngokucela emaphoyiseni konke okwakhulunywa ofakazi ababekhona endaweni yesigameko ngesikhathi kudutshulwa uSenzo.
Uthe bazoxhumana nophiko lwezokushushisa kuleli ukuthola kabanzi ngombiko wokuthi kunomphenyi owaveza ukuthi ofakazi, okubalwa kubo uKelly Khumalo owayethandana noSenzo ngaleso sikhathi, bahubhuza amanga ngesikhathi bephekwa ngemibuzo esiteshini samaphoyisa.
Umzala kaSenzo Meyiwa, uMnuz Sfiso Meyiwa, ubonge i-AfrForum ngokuba yinhlangano ezimisele ukulekelela umndeni. Ukugcizelelile ukuthi ngeke ashone bengaboshiwe ababulala uSenzo.
“Ngiyakhuleka ukuthi uNkulunkulu abagcine bonke abasolwa, bengazibulala, kuze kube bayakuvuna lokhu abakutshala,” kusho yena.
Ngenyanga edlule umndeni wakwaMeyiwa ubize isithangami nabezindaba ekhaya lawo eMlaza lapho okhalaze khona ngokungaboshwa kwabasolwa ekubeni ungqongqoshe wamaphoyisa uMnuz Bheki Cele wayethembise ukuthi bazobe sebeboshiwe abasolwa ngaphambi kwamaholidi ePhasika noma ngaphambi kukaKhisimusi nonyaka.