ISITHOMBE esigciniwe samalungu e-IFP ayebhiyoza kanje ejabulela ukunqoba kwaleli qembu eNquthu okhethweni lohulumeni basekhaya nyakenye. Isithombe: Doctor Ngcobo
I-IFP izidlele amahlanga iguqisa izimbangi zayo okhethweni lokuchibiyela obelubhekwe ngabomvu ku-ward 20, KwaNongoma ngoLwesithathu.

I-IFP ithole amavoti angu-1113, yalandelwa i-ANC ngo-746, kwaba iNFP ngamavoti angu-416, i-EFF yathola u-99, obengenele ukhetho ngokuzimela wathola angu-15.

USihlalo we-IFP kuzwelonke uMnuz Blessed Gwala uthe:“Sibonga abantu baKwaNongoma ngokusethemba ngevoti labo ukuze sikwazi ukubuyisa i-ward yethu.”

Le ward isale ingenamholi ngemuva kokuthi ikhansela lendawo uZamani Sibiya ligwetshwe iminyaka eyisithupha ngecala lokweba imfuyo. UGwala uthe nasokhethweni lokuchibiyela obeluku-ward 9, eMgungundlovu benze kahle kakhulu yize benganqobanga.

“Siyafisa nokubonga abantu baseMgungundlovu ngoba izibalo zethu zamanje zinyuke kakhulu uma ziqhathaniswa nezokhetho lohulumeni basekhaya ngo-2016,” kusho uGwala.

“Okhethweni lokuchibiyela ku-ward 20, eMgungundlovu kuphumelele i-ANC ngo-52.57%.

Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, uthe babonga amavolontiya abo ngokusebenza kanzima kulolu khetho. “Noma singaphumelelanga KwaNongoma kodwa siyajabula ukuthi ivoti lethu linyukile,” kusho uNkk Simelane-Zulu.