UMHLANGANO wesigungu esiphezulu se-ANC (NEC), awuzange uwudingide umbiko ophakamisa ukuthi unobhala jikelele wale nhlangano, uMnuz Ace Magashule ashenxe esikhundleni.
Isigungu seNEC sihlangane okokuqala ngoLwesithathu, selokhu kwaputshuka umbiko wekomiti elibhekelele ukuziphatha kwamalungu e-ANC i-Intergrity Commission, nowaphakamisa ukuthi kumele uMagashule ehle esikhundleni njengoba esabhekene namacala enkohlakalo.
UMagashule wavela phambi kwekomiti ngemva kokuboshelwa amacala enkohlakalo amayelana nethenda kaR250 million yokulungiswa kwezindlu zetsheboya, eFree State.
Emva kokuvela kukaMagashule, kwabe sekuputshuzelwa abezindaba umbiko wekomiti ophakamisa ukuthi ashenxe esikhundleni. Isigungu esiphezulu se-ANC, okuyiso esithatha izinqumo kule nhlangano, besihlangene ngoLwesithathu.
Ilungu lalesi sigungu uNkk Nomvula Mokonyane, lithe umbiko awuzange udingidwe kulo mhlangano.
“Mhlawumbe lowo mbiko uzodingidwa emhlanganweni olandelayo wesigungu esiphezulu.”
Lesi sigungu siba nemihlangano njalo ngasekupheleni kwenyanga lapho sidingida izindaba ezithinta lenhlangano.
UNkk Mokonyane, obekhuluma esithangamini sabezindaba izolo, uthe umhlangano wangoLwesithathu ububizelwe ukuzobhunga ngesitatimende esizokwethula uMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa, emgubweni wokuqeda iminyaka engu-109 kwasungulwa i-ANC.
URamaphosa uzokwethula inkulumo esebenzisa ezobuchwepheshe ngoba i-ANC yathatha isinqumo sokuchitha umcimbi okwakuhlelwe ukuthi ubeseLimpopo, ngenxa yokubheduka kwegciwane iCorona.
UNkk Mokonyane uthe inkulumo ezokwethulwa uRamaphosa namuhla kusihlwa ngo-7, izovezwa emakhasini enhlangano asezinkundleni zokuxhumana, kanti nezifunda zizokuba nezinhlelo zokubuka ndawonye.
Unxuse bonke labo abazokuba nezinhlelo zokubuka ndawonye inkulumo ukuthi baqinisekise ukuthi balandela yonke imigomo ebekelwe ukulwa nokusabalala kwegciwane iCorona.
“Asenzeni isiqiniseko sokuthi asigajwa yinjabulo sigcine sesigubha lolu suku ngendlela ezophula imigomo ebekiwe. Ekugubheni kwethu kufanele sikhombise ukuthi siwuzwile umyalezo kahulumeni othi kufanele sizivikele kanjani kulolu bhubhane,” kweluleka uNkk Mokonyane.