Umbuzo: Sahlangana esikhungweni semfundo ephakeme nomyeni wami. Sibusiswe ngabantwana ababili. Umshado wethu awukaze ube mnandi selokhu kwathi nhlo. Inkinga umyeni ongafuni ukusebenza. Usuka ekhaya elimi kahle futhi ufundile ngakho angazi ngempela ukuthi inkinga ikuphi.
Ujika nelanga imini yonke, mina ngimelwe yizo zonke izidingo zekhaya. Umndeni wakhe awenzi lutho ukwenza isimo sibe ngcono phakathi kwethu. Bengizitshela ukuthi umndeni wakhe uzoke ukhulumisane naye ukuze avuke azithathe njengendoda. Okubuhlungu kakhulu ukuthi akangazi nokuthi ngiyini mina umyeni wami. Sengihlalele izingane nje kuphela ngabe kade ngashiya.
Mpho, eGoli
Impendulo:
Kungenzeka ukuthi umndeni wakhe awazi ngenhlalo yenu. Kuthiwa ingane engakhali ifela embelekweni ngakho alikho iphutha ngokuphumela obala ngobunzima obhekene nabo, ushilo nawe ukuthi umndeni wakhe ume kahle okusho ukuthi ungakwazi ukunisiza okwesikhashana.
Kusengenzeka futhi ukuthi uyawuzama umsebenzi kodwa akawutholi, kucabange naloko okuyinto engaphezu kwamandla akhe naye.
Umbuzo:
Ngisemncane kanti ngishadelwe kuwo lo nyaka, sengishadelwa okwesibili. Okungimangazayo ngonkosikazi wami ukuthi uhleze ekhuluma ngomuntu ayethandana naye ngaphambilini njalo uma enabangani bakhe. Angazi ngempela ukuthi ngisithathe kanjani lesi senzo sakhe. Ngizizwa ngingathandwa kulo mshado ngenxa yokuthi ingathi inhliziyo yakhe isekomunye umuntu.
Sandile, eThekwini
Impendulo:
Kusobala ukuthi unkosikazi wakho akazinikezanga isikhathi esanele sokudlulisa umuntu ayethandana naye ngaphambi kokungena kulomshado. Mazise ukuthi kukuphatha kanjani uma ekhuluma ngesoka lakhe elidala kubangani bakhe ekubeni eseshade nawe.
Umbuzo:
Nginenkinga yomyeni oyingelosi uma engaphuzile kodwa uma eke wathinta utshwala ufana nesilwane. Ufika ekhaya ezinzulwini zobusuku uyosithuka nabantwana asishaye kuze kuse. Ngakusasa ungamphikela ukuthi bekunguyena. Kuvele kube sengathi akwenzakalanga lutho, impilo iqhubeke ngokujwayelekile.
Ngiyazi ukuthi wakhula kanzima ekhaya lapho wayehlukunyezwa ngayo yonke indlela ongayicabanga kodwa manje le nto eyayenzeka kuyena useyenza kumina nabantwana. Ubulala konke esesikusebenzele kanzima sikwakha sobabili.
Ngingenza kanjani ukuze umyeni wami abhekane nezinkinga zakhe ukuze nempilo yomndeni wethu ibe ngcono?
Nozizwe, South Coast
Impendulo:
Utshwala isikhathi esiningi busetshenziswa ukuvala izinkinga ezithize umuntu asuke ebhekene nazo. Kodwa akhohlwe ukuthi uzokhohlwa izinkinga okwesikhashana ziphinde zibuye. Kubukeka sengathi kukhona nomyeni wakho asuke ezama ukukuvala ngotshwala. Zihamba kanjani izinto phakathi kwenu? Kuhamba kanjani emsebenzini wakhe? Akukho ongakucabanga okungamenza azifake otshwaleni ngale ndlela?
Zama nokukhulumisana naye ngales siikhathi engasaphuzile ukuthola ukuthi yini ngempela emenza azilahlele otshwaleni. Umazise futhi ukuthi senihlalele ovalweni nabantwana ngoba anazi ukuthi uzobuya emsebenzini enjani. Okudlula lokho kuzomele umfunele usizo kwa-AA (Alcoholics Anonymous) yangakini ukuze bameluleke ngokufanele uma isimo singashintshi.
Umbuzo:
Ngikhathele indoda engidonsa ngekhala. Ihleze ifuna ukwazi ukuthi ngikuphi ngisho noma yazi ukuthi ngisemsebenzini. Uma ngivakashele abangani ifuna ukwazi ikheli lalapho sikhona ukuze iqinisekise ukuthi ngikhona ngempela yini. Sekuze kwadlulela ngisho ezimpahleni zami zokugqoka, ifuna ukuba nesandla ekutheni ngizogqokani. Uma ngigqoke into engayithandi sizoxabana siyoze sibuye la siye khona. Ngiphila kanjani nomuntu ofuna ukuphatha impilo yami ngale ndlela?
Igama ligodliwe
Impendulo:
Kuyacaca ukuthi umyeni wakho unokuzeya. Akukho ukuhlukumeza okudlula lokhu. Umyeni wakho udinga usizo ukuze akwazi ukuyeka le nto aseyiqalile.Sibona kukuhle ukuthi uqale uxoxisane naye ngokuthi ukwenza kwakhe kukwenza ungakhululeki futhi unovalo lokuthi uma engalutholi usizo kungagcina kunomthelela omubi kakhulu ebudlelwaneni benu.
Uma engaliboni iphutha lakhe nangemuva kokuxoxisana naye sibona kungcono ukuthi umufunele usizo okusheshayo kodokotela bengqondo kungaze konakale kakhulu.
Kusobala ukuthi zikhona izimo ezenze ukuthi abe kulendawo akuyona lapho engathembi lutho mekuza kumuntu athandana naye. Into enjengalena kukhona la esuka khona. Akekho umuntu ozalwa ezinyeza. Sinifisela inhlanhla.