UCWANINGO lwakuleli lukhombisa ukuthi ukunika omama abancelisa ibele izindawo eziphephile zokwenza lokhu emsebenzini kwenza basebenze kangcono nangokuzinikela.
Lolu cwaningo lwenziwe yi-University of Cape Town (UCT). Abacwaningi bathe omama abancelisa ubisi lwebele ngokukhululeka emsebenzini bayazibophezela emsebenzini wabo futhi basebenza kanzima nangokuzikhandla ngaso sonke isikhathi.
USolwazi Ameeta Jaga ongumeluleki wengqondo wophiko lweSchool of Management Studies, uthe kubalulekile ukuthi abesifazane banikwe izindawo ezifanele abangazisebenzisa ukuncelisa emsebenzini.
Uthe sekunesikhathi eside kudingeka ukuthi kwenziwe lokhu.
Uqhube wathi noma bebaningi abantu besifazane abaqashiwe ezindaweni zokusebenza kusekuncane kakhulu okwaziwa yizinkampani ngokubaluleka kokuncelisa ibele.
Uthe abaqashi kufanele bayibhekisise indlela abangakhombisa ngayo ukweseka abesifazane.
“Abaqashi kufanele bakucabangisise abangakwenza ukweseka ukuthi abantu besifazane bakwazi ukuncelisa ibele ngokukhululeka emsebenzini ukuze bakwazi nokusebenza ngendlela efanele nokuthi kugqugquzelwe ukulingana kwabantu emphakathini. Kusenengcindezi enkulu ngokuncelisa ibele emphakathini ngoba namanje amabele asathathwa njengesitho okungafanele sivezwe noma ikanjani emphakathini,” kusho uSolwazi Jaga.
Uthe akuyona into okufanele iphele ngokuthi kubhekwe ukuthi kunikwe omama isikhathi sekhefu sokuchitha isikhathi nezingane zabo ezisanda kuzalwa emakhaya nje kuphela.
USolwazi Jaga uthe ngokwemigomo ye-United Nations ukwesekwa kwabantu besifazane abancelisa ibele kubalulekile ekutheni bakwazi ukusebenza ngendlela nokuthi bathathwe ngokuthi bayalingana nabesilisa abasebenza nabo emphakathini nasemsebenzini.
Imibiko yaphambilini ngokuncelisa ibele iveze ukuthi ubisi lwebele lubaluleke kakhulu ekuvikeleni ukufa kwezingane ezisanda kuzalwa. Futhi lunezithako ezibalulekile ezisizayo ekuvikeleni izifo.
USolwazi Jaga uthe ukholwa ukuthi noma sinyukile isibalo sezingane zakuleli ezinceliswa ubisi lwebele sisuka ku-8% kuya ku-32% kodwa siya ngokuya sehla ngokuqhubeka kwezinyanga.
Ngokwemibiko ukuncelisa ubisi lwebele lodwa kusiza ekuvikeleni ingane ezifeni, okubalwa ukukhishwa yisisu, ukushona kwezingane zisencane nokunye okubalulekile izwe elizama ukulwa nakho.
USolwazi Jaga uthe kudingeka ukuthi kuxoxwe kabanzi ngenkinga yokwesekwa kwabesifazane ukuze bancelise ngokukhululeka, ikakhulu ezindaweni zokusebenza. Uthe kufanele kufundiswe kakhulu ngokubaluleka kwalokhu.
Uthe zikhona izindawo zokusebenza esezenze okufanele ukuqinisekisa ukuthi omama bayasekwa njengokwakha amagumbi ayisipesheli angasetshenziswa ngomama, ukuze bancelise izingane zabo ngokukhululeka. Elinye lalawa magumbi lakhiwe esibhedlela sezingane, iRed Cross War Memorial Children’s Hospital, eWestern Cape.