BASENKINGENI abashisa izikole KwaZulu-Natal njengoba uMnyango wezeMfundo ungeke uzilungise.
UNgqongqoshe walo mnyango uMnuz Mthandeni Dlungwane ufuna iqhinga azolisebenzisa ukubhekana nalesi sihlava. Lesi sihlava sibonakala sanda esifundazweni iMpumalanga njengoba kushiswe izikole ezine esikhathini esiyisonto.
Okhulumela uDlungwane, uMnuz Kwazi Mthethwa, uthe amalungu ekomiti lezemfundo esiShayamthetho avumelene naye ngokuthi zingalungiswa izikole ezishiswayo.
“Uma beshisa isikole bazofundela emlotheni. Isikole sizokwakhelwa umphakathi osidingayo ongasishisi ngoba labo abasishisayo kuyacaca ukuthi abasidingi,” kusho uMthethwa.
Uxwayise umphakathi ojwayele ukuthi uma ubhikisha udubele ezikoleni ukuthi upheze ukwenza lokhu.
“Uthola ukuthi abantu bafuna umgwaqo noma umtapowolwazi bese beduba bashise isikole. Uma umbhikisho usuphelile bazobuya sebefuna ukulungiselwa isikole abasishisa bona,” kusho uMthethwa.
Usho lokhu nje ngeledule abafundi baseBunguni Secondary, eMuden bashisa isikole bekhala ngokuthi abadlile.
Kuthiwa abafundi baqala ngokushaya othisha ngamatshe, baphihliza nezimoto zabo, baphihliza wonke amawindi esikole basokhela ngomlilo sasha sangqongqa.
UMthethwa uthe izehlakalo ezifuze lezi ezibuyisela umnyango emuva.
Okhulumela umnyango kazwelonke uMnuz Elijah Mhlanga, uthe amaphoyisa kumele abophe imigulukudu eshisa izikole.
Uthe uma kushiswa isikole kudingeka bakhiphe izigidi bezilungisa wathi lokho kubabuyisela emuva.
“Okubuhlungu ukuthi kwezinye izindawo ukushiswa kwezikole kusuke kungahlangene nezemfundo. Kusuke kuyizinto zomphakathi bese bekhiphela isibhongo ezikoleni,” kusho uMhlanga.
Uthe eMpumalanga zine izikole ezishisiwe esikhathini esiyisonto wathi okubuhlungu ngukuthi ezinye zazo zisuke zingenzi kahle.
ISouth African Human Rights Commission ikugxekile ukushiswa kwezikole.