BASENGCUPHENI yokuphucwa ilungelo loku-oda ubhiya abanikazi bamabhizinisi adayisa utshwala abangayilandeli imigomo yokudayiswa kotshwala esigabeni sesibili somvalelandlini.Inhlangano yabaphisi botshwala iBeer Association of South Africa (BASA) ehlanganisa iCraft Brewers Association, iHeineken South Africa neSouth African Breweries, ithi isithole imibiko yokuthi kunabanikazi bamabhizinisi otshwala abangayilandeli imigomo ebekiwe yokudayiswa kotshwala kulesi sigaba. Kuthiwa badayisa noma sesidlulile isikhathi sokuvala futhi abanakekeli ukuthi amakhasimende ahlala ngokuqhelelana ezindaweni.
Isikhulu esiphezulu kule nhlangano uNkk Patricia Pillay, sithe bazosebenzisana nezinhlaka zomthetho kanjalo nomasipala nezikhungo ezikhipha izimvume zokudayiswa kotshwala, ukuze bazi ukuthi yimaphi amabhizinisi aphula umthetho.
“Ngeke siwadayisele amabhizinisi ephula imithetho isitokwe. Sigqugquzela ukuthi utshwala budayiswe futhi buphuzwe ngokunakekela,” kusho uPillay.
Uqhube wathi iningi lezindawo ezidayisa utshwala nezidayisa ukudla okuphekiwe, ziyayilandela imigomo ebekiwe kodwa kukhona amazambane abolile angayilandeli imigomo.
“Bakhona abantu bakuleli abaphuza ngokwamukelekile futhi bayazinakelela okungeke kufake ingcindezi ezikhungweni zezempilo kodwa baningi abaphuza budedengu okugcina kubeke engcupheni abanye.Kubalulekile ukuthi abakulo mkhakha babambisane ngenxa yeCovid-19,” kusho uPillay.
Uthe bayazi ukuthi ukuphuzwa budedengu kotshwala kuyingozi futhi kumele basebenzisane nohulumeni ukuze bungamiswa.
“Uma bungamiswa ukudayiswa kotshwala futhi, imboni izoguqa phansi, okusho ukuthi abasebenzi abaningi bazolahlekelwa yimisebenzi. Sigqugquzela umphakathi ukuthi usibikele ngezigameko ezenzekayo.”
Abafisa ukubika uthe bangasebenzisa inombolo yamahhala ethi 0800 014 858.