UMNDENI waKwaMashu usale nezingubo obuzigqokile kusha umuzi izolo.
Lo mndeni onamalungu ayisikhombisa uphume ugijima emzini wawo onamakamelo amathathu okulala.
UNkk Thobekile Siphika uthe uvuke ekuseni wayochelela izimbali ngoba bebengekho ekhaya kusukela ngoLwesihlanu besemngcwabeni welinye ilungu lomndeni elingahlali nabo.
“Ngikhe kabili amanzi ngichelela, kuthe sengibuya okwesithathu, ngabona intuthu iphuma ngefasitela ekamelweni lezingane.
“Ngigijime ngaya endlini ngiyobheka ngafica kuvutha umbhede wezingane. Ngavusa izingane nomyeni wami abebesalele ngoba besikhathele sibuye ebusuku emngcwabeni,” kuchaza uNksz Siphika.
Uthe ekamelweni okuqale kulo umlilo amapulaki
kagesi awasebenzi ngeke kwenzeke ukuthi umlilo usuke kugesi.
“Ayikho into ebibasiwe endlini njengoba ngisho ukuthi bekusavuke mina kuphela. Kusho ukuthi ukube asibuyanga ebusuku besizofika umuzi ushile singazi ukuthi ushiswe yini.
“Akukho esikukhiphile ngoba umlilo ubushesha kakhulu ngithe ngiyangena ngiyothatha isikhwama esinamaphepha abalulekile ngajika ngingakafiki ekamelweni ngoba bese kusha i-ceiling board,” kusho yena.
Uthe okwamanje abakazi ukuthi bazokwenzenjani ngoba basathukile.
“Sibonga ukuthi akuphumanga mphefumulo yize singazi ukuthi sizolala kuphi namhlanje (izolo),” kusho yena.
Ikhansela uMnuz Muziwenhlanhla Shezi lithe belisazohlanganisa amehlo nomndeni ukuze libone ukuthi yini umasipala ongasiza ngayo.
“Ngeshwa umuzi okhokhelwe ngebhange umasipala awukwazi ukuwakha kabusha kodwa okungase kwenzeke ukubasiza ngento yokuthi bakhosele okwesikhashana, izingubo nokudla. Sizame nokubacelela usizo kosomabhizinisi bendawo,” kuchaza uShezi.