BASALE dengwane kusha imijondolo engaphezu kuka-400 eReservoir Hills, eThekwini, ngeSonto ebusuku.
Balinganiselwa ku-1 500 abantu abasale bengenamakhaya ngenkathi kuhlasela umlilo kule ndawo ongqongqise imijondolo.
Kuthiwa imbangela yomlilo ayikaziwa njengoba abantu bevuke bezwa umsindo sekusha bangasithola nesikhathi sokukhipha izimpahla zabo ngenxa yokuthi umlilo ubusha ubuhanguhangu.
Ikhansela lakule ndawo eku- ward 23, uMnuz Xolani Nala, lithe uyedwa umuntu okubikwe ukuthi ulimele waphuthunyiswa esibhedlela njengoba isimo sakhe besibucayi kakhulu.
Uthe yize kungaziwa ukuthi umlilo uqale kanjani kepha bayakholelwa wukuthi amaphoyisa azophenya.
“Singabaholi bomphakathi sizama ukulungisa indaba yamatende ukuze abantu bezokwazi ukuthola indawo yokulala, sizophinde sibahlinzeke nangezingubo njengoba belahlekelwe yizo zonke izimpahla zabo okubalwa kuzo izingubo zokugqoka, ezokulala, izitifiketi zokuzalwa nomazisi, ukudla, amaphilisi nokunye okuningi,” kusho uNala.
Uthe bazobambisana nazo zonke izinhlaka ikakhulukazi abakwaSassa noMnyango wezaseKhaya khona abantu bezokwazi ukuthola izinto zabo ngokushesha bazame ukulungisa impilo yabo.
Okhulumela uMasipala weTheku, uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe umkhandlu ungenelele futhi usezinhlelweni zokutholela abantu indawo yesikhashana yokulala nokudla abazokudla ngalezi zinsuku.