APHINDE akushaya indiva amakhansela e-ANC KwaDukuza ukukhethwa kwemeya entsha yomkhandlu emva kokuthi nayizolo engazange alubhade emhlanganweni, phezu kokuba kuthiwa abedonswe ngendlebe ukuthi afike noma kanjani.
Izolo, bese kungokwesine ubhuntsha umhlangano wokukhetha imeya entsha yaKwaDukuza emva kokuhamba kukaMnuz Ricardo Mthembu osengumkhulumeli we-ANC esifundazweni.
Ngokuthola kweSolezwe, amakhansela amaningi e-ANC awamfuni uNkk Phumlile Zulu ophakanyiselwe kwesobumeya.
UNkk Zulu, okwamanje unguSomlomo womkhandlu.
Amakhansela e-ANC angu-26, izolo kuthiwa afake izincwadi zokuxolisa, abika izizathu ezahlukene zokungezi emhlanganweni.
Umthombo weSolezwe oyikhansela le-ANC kodwa elingahambisani nethimba elichitha uNkk Zulu, uthe ubuholi besifundazwe kumele buzisole bona ngokungahlonishwa ngamakhansela ngoba sebuwabekezelele kakhulu.
“La makhansela kumele ngabe kade athathelwa izinyathelo ngoba enza ngamabomu ukuthi angezi emhlanganweni. Izolo abedonswe ngendlebe ukuthi aweze kodwa aqhubeka nokushaya indiva ubuholi,” kusho umthombo.
Uthe basolile ukuthi amakhansela ngeke eze emhlanganweni njengoba engezanga ngisho emhlanganweni wekhokhasi, obekukhona kuyo uSihlalo wesifundazwe uMnuz Sihle Zikalala, iPhini lakhe uMnuz Mike Mabuyakhulu noNobhala uMnuz Mdumseni Ntuli.
Umthombo uthe ukungenzeki komhlangano wayizolo kuphazamise izinto eziningi kubalwa nokwethulwa kwesabelomali somkhandlu nokwethulwa kombiko wekomiti lokusebenza kwezimali, iMunicipal Public Accounts Committee (MPAC).
“Ukwethulwa kwesabelomali bekumele kwenzeke ngaphambi kokuthi kuphele uMashi, ngokusho komthetho njengoba kungasenzekanga, nenyanga isiphela. Mancane amathuba okuthi kusengabizwa omunye umhlangano.
Lokho okuzophoqa ukuthi uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu esifundazweni ungenele,” kusho umthombo.
Isolezwe lithole ukuthi amakhansela angamfuni uNkk Zulu afuna uMnuz Dumisani Ndimande, oyikhansela kwa-ward 1, oke wabhikishelwa ngamalungu omphakathi eDoringkop.
UMnuz Ricardo Mthembu uthe ubengenalwazi ukuthi izolo kube nomhlangano wokukhetha imeya.
“Sizolulandela udaba, sithole imininingwane ukuze sikwazi ukuphawula kahle,” kusho uMthembu.