SEBEVULE icala lokwehliswa isithunzi abashadile, uRomeo noBasetsana Kumalo, ngemuva kokusabalala kwemibiko ezinkundleni zokuxhumana zokuthi kune-video yocansi kaRomeo nomunye usaziwayo wesilisa.
Indaba yasuka ngemuva kokuthi umbhali wezincwadi uJackie Phamatse abhala ekhasini lakhe ukuthi uzwe ingxoxo phakathi kowesifazane osembonini yethelevishini encenga omunye umngani wakhe ukuthi angayisabalalisi i-video yakhe ephuzile nomyeni wakhe esocansini nosaziwayo wesilisa.
Kusuka lapho abanye bavele bacabanga ukuthi kukhulunywa ngalabo saziwayo abangosomabhizinisi.
Esitatimendeni bathe bavule icala futhi bafaka isicelo sencwadi yokuvikelwa kwabanesandla kulokho. Bathe bayathemba ukuthi lokhu kuzothumela umyalezo oshubile kulabo abasabalalisa imininingwane engamanga ngabanye ngaphambi kokuthola ubufakazi noma ukucabanga ubungozi balokho.
“Umonakalo owenzeke kithina ngokomoya nangokomsebenzi awukaleki. Ngaphezu kwalokho lokhu kusatshalaliswa kwamahemuhemu kulimaze izingane zethu emoyeni esihlale sizama ukuthi zingaveli emehlweni abantu.”
Bathe bekunzima ukuthula ngesonto eledlule.
“Ukuthula kwethu bekungekhona ukuthi kunobuqiniso ngalezi zinsolo kodwa yingoba besishaqekile futhi sihlukumezekile ngalokhu nangendlela okusatshalaliswe budedengu ngayo.”