KUSIZE ukungenelela kwamalungu omphakathi ukunqanda abasebenzi benkontileka eyanikwa ithenda yokufakela ugesi, okuthiwa bebelinga ukudayisa impahla umsebenzi ungaphelile, bekhala ngosonkontileka ongabaholeli.
UMnuz Senzo Mkhize wenkampani eyathola ithenda yokufaka ugesi eNkonjane ku-ward 3, kuMasipala waKwaMaphumulo, bese kungenela enyangeni yesibili abasebenzi bakhe bengaholi nokuthe ekugcineni wavele wanyamalala. Uma bemshayela ucingo ubethi abazibonele ngoba akanayo imali yokubaholela, okubaphoqe ukuthi bathathe isinqumo sokudayisa impahla kagesi obekumele ufakelwe umphakathi abazame ukuyidayisa, ngesonto eledlule.
UMnuz Nsizwa Khuzwayo obhekelele ukufakwa kwalo gesi endaweni, uthe ukufika kwakhe nezinye izakhamuzi yikhona okusizile njengoba abasebenzi bekwazile ukubalalela.
“Bekumi izimoto ezimbili neloli okusolakala ukuthi bese kuzolayisha impahla. Ukudayiswa kwempahla bekuzobambezela intuthuko umphakathi oyilinde kusuka ngo-2016,” kusho uKhuzwayo.
Uthe ukuhamba kukaMkhize engabambi nezingcingo zabo kubakhathaza kakhulu bewumphakathi ngoba nesikhathi okwakuvunyelwene ngaso ukuthi umsebenzi uzobe sewuphelile sesidlulile kodwa kusekuncane kakhulu okwenziwe.
Kuthintwa uMkhize, uphikile ukuthi unyamalele nokuthi umsebenzi usemningi.
“Kube khona ukubambezeleka ngenxa yezinkinga zokungakhokhi ngesikhathi kukamasipala okugcina sekuphoqa ukuthi abasebenzi ngingabaholeli. Mncane umsebenzi osele, uzophela ngasekupheleni kwenyanga,” kusho uMkhize.
Uthe umasipala sewukhokhile kanti konke sekuhamba ngohlelo, umsebenzi uyaqhubeka.
UMnuz Thembokwakhe Mchunu oyikhansela endaweni, uthe kuyangabazeka ukuthi lo sonkontileka uzowuqeda umsebenzi anikwe wona.
“Bekumele kuphele inyanga ugesi usukhanya emizini engu-50 kulesi sigceme njengoba umphakathi kade wawulindile. UMkhize ubengayifaki incwadi yokukhokhelwa ngomsebenzi ngesikhathi okwavunyelwana ngaso. Lokhu kwenza umasipala ukhokhe sekudlule isikhathi. Abasebenzi bese bembekezeleli engabaholeli, kunalokho uvele wanyamalala, nami akalubambi ucingo lwami,” kusho uMchunu.
UMkhize ukuphikile ukuthi izingcingo akazibambi, wathi umsebenzi awenzayo muhle kakhulu. Usole umasipala ngokuthi yiwona omqhatha nabasebenzi njengoba ubuye ungamkhokheli. Uthe incwadi yokukhokhelwa ngomsebenzi osuwenziwe uyifaka ngesikhathi kangangoba kunesikhathi okwaze kwaphela izinyanga ezimbili eyifakile kodwa umasipala ungakhokhi.