UMENGAMELI wophiko olubhekelele ababefunda eNyuvesi iFort Hare, uMnuz Solomzi Tshona, uzimisele ukubuyisa udumo lwenyuvesi lwakudala.
Ukwenza lokhu ngokuhambela ababefunda kuyo kudala. Izolo uTshona ubehambele uMengameli we-IFP, uMntwana uMangosuthu Buthelezi, ezomchazela ngezinhlelo zokuvusa uhlaka oluzobhekelela ababefunda eFort Hare abaKwaZulu-Natal nakwamanye amazwe.
Uthe kubaphethe kabi ukuthi uma ufaka igama lenyuvesi iFort Hare kwi-internet kuvela imibiko engemihle yingakho sebeqale umkhankaso wokuncela ulwazi kwababefunda khona ukuze kwakheke isithombe esihle.
“Singabantu abasha siyakhohlwa wukuthi abantu abadala banolwazi olunzulu kodwa mina ngithe ngizohambela abantu ababefunda eFort Hare ukuze ngincele ulwazi kubo, ngibagqugquzele ukuthi babhale imibhalo ezoshicilelwa emabhukwini ocwaningo. IFort Hare iyigugu kithina, ifana neHarvard namanye amanyuvesi abalulekile emhlabeni jikelele,” kusho uTshona.
UButhelezi uthe uyajabula ukuvakashelwa wuTshona onenhloso yokuvuselela udumo lweFort Hare nomlando wayo.
“Ngiyaziqhenya ngokufunda eFort Hare ngoba yinyuvesi eyakhiqiza abaholi abanohlonze okubalwa kubo uSolwazi Zachariah Keodirelang Matthews, Solwazi GT Jabavu, Oliver Tambo, Nelson Mandela, Robert Mangaliso Sobukwe, Sally Maunye, Duma Nokwe, Nksz Tiny Malangabi, Can Themba, Alfred Hutchinson, Nthato Motlana, Joe Matthews. IFort Hare ikhiqize abaholi abaneqhaza elibalulekile emzabalweni wenkululeko e-Afrika,” kusho uButhelezi.
Uthe uzosebenzisana noTshona ngoba naye ufuna iFort Hare ihlale inegama elihle ngoba kwakufunda uDkt Ntsu Mokhehle owayengundunankulu waseLesotho, Sir Seretse Kama owayengumengameli waseBotswana, Robert Mugabe owayengumengameli waseZimbabwe naye uqobo.
“Kuyangithokozisa ukubona abantu abasha beza nomqondo wokuthi sisebenzisane nenyuvesi ukubuyisa udumo lwayo siqinisekise ukuthi umlando wayo omuhle awushabalali,” kusho uButhelezi.