INHLANGANO engenzi nzuzo, iHelen Suzman Foundation, isinikele enkantolo ifuna kuchithwe ushwele wokugula osanda kunikezwa loyo owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma.
Izolo le nhlangano ifake isicelo esiphuthumayo eNkantolo eNkulu ePitoli, ifuna ukuba kuchithwe ukunikezwa kukaZuma ushwele wokugula.
Le nhlangano ifake lesi sicelo enkantolo emva kokuphela komnqamulajuqu ebikade iwunikeze umphathi wezamajele kuleli, uMnuz Arthur Fraser, ukuba achaze ukuthi uMnyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo wafinyelela kanjani esinqumeni sokunikeza uZuma ushwele wokugula.
UZuma wanikezwa ushwele wokugula esadonse izinyanga ezimbili zesigwebo sezinyanga ezingu-15 edonsa ejele ngecala lokwedelela umyalelo weNkantolo yoMthethosisekelo.
IHelen Suzman Foundation ifuna inkantolo ukuba iphoqe uFraser ukuba adalule izizathu ezaholela ekunikezweni kukaZuma ushwele.
Le nhlangano iphinde ifune ukuba le nkantolo ichithe ukunikezwa kukaZuma ushwele.
Umqondisi kule nhlangano, uMnuz Francis Antonie, uthe uFraser wayengenawo amandla okunika uZuma ushwele.
Emaphepheni asenkantolo, u-Antonie uthe isinqumo sokudedelwa kwesiboshwa ngoshwele wokugula, kufanele sithathwe yibhodi likashwele.
“Umphathi wamajele akanalo ilungelo lokukhipha umuntu ngoshwele wokugula uma kuwukuthi ibhodi likashwele linqume ukuthi angadedelwa. Okumangazayo ukuthi lesi sinqumo somphathi wamajele siphikisana nesincomo songoti kwezempilo, abanquma ukuthi uZuma ukulungele ukudonsa isigwebo sakhe.”
U-Antonie uthe umuntu ofanele ukukhishwa ngoshwele ngumuntu ogulela ukufa noma okhubazekile.
“Akusikho okokuqala sibona umuntu odumile enikezwa ushwele wokugula ngaphandle kokuthi kulandelwe imigomo. Nango-2009 uMnuz Schabir Shaik wanikezwa ushwele wokugula esadonse iminyaka emibili kuphela yesigwebo sakhe seminyaka engu-15 ebhadla ejele.
“Ngaleso sikhathi kwathiwa ugulela ukufa. Yize kwakuthiwa ugulela ukufa kepha wayekwazi ukuphuma ayodlala igalofu. Lokhu kukhombisa ngokusobala ukungahlonishwa komthetho.”
U-Antonie uthe uZuma ufanele ukubuyiselwa ejele, ayoqedela isigwebo sakhe.
“Isinqumo sokukhipha uZuma ngoshwele siwukubukela phansi iNkantolo yoMthethosisekelo.”
IHelen Suzman Foundation akusiyona yodwa inhlangano ephonsela inselelo ukukhishwa kukaZuma ngoshwele.
Ngesonto eledlule iDA inikele enkantolo efanayo, iyofuna ukuba kuchithwe ukunikwa kukaZuma ushwele.