UMNDENI wesitshudeni
sase-University of Cape Town (UCT) esabulawa uyaziqhelelanisa nemikhankaso efuna imali egameni lendodakazi yawo.
Umndeni ka-Uyinene Mrwetyana esitatimendeni osithumelele abezindaba uveze ukuthi bacela umphakathi ukuthi ungaqali imikhankaso yokuqoqa imali noma ufake imali ezinhlelweni ezingagunyaziwe kusetshenziswa ngendlela okungeyiyo igama lendodakazi yawo nokuphatheka kabi komndeni.
Esitatimendeni kuvela ukuthi kukhona izinhlelo ezaziwayo okusetshenziswa igama lika-Uyinene ukuze kuqoqwe imali, kusungulwe izinhlangano ezilwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane, ukubhalwa kwencwadi namanye amakhasi ezinkundleni zokuxhumana.
Lo mndeni uveza ukuthi ukuqoqwa kwale mali kuzokwenza ukuthi abantu bacabange ukuthi iqoqwa ukuze ilekelele umndeni.
“Umndeni ufisa ukucacisa ukuthi yize eminye imikhankaso inezinhloso ezinhle kodwa awuhambisani noma awuhlangani nokuqoqwa kwemali kusetshenziswa igama lika-Uyinene.”
Umndeni ucele ukuzila ngokuthula ikakhulukazi njengoba umshophi owehlela * -Uyinene usemusha futhi kwakukhulunywa ngawo kwabezindaba, ezinkundleni zokuxhumana nasemphakathini.
“Ukusebenzisa igama lika-Uyinene nokungahloniphi ukuzila komndeni kukhombisa ukungabi nozwelo nokungabi neqiniso noma ngabe inhloso yinhle,” kuqhuba isitatimende somndeni.
Lesi sitatimende siveza ukuthi njengoba kawakumenyezelwe emngcwabeni, umndeni usezinhlelweni zokuqala inhlangano egameni lika-Uyinene.
Umndeni uveze ukuthi uyazi futhi uyabonga ngezinhlelo ze-UCT, Kingswood College neRhodes University.