AMAPHOYISA aKwaZulu-Natal athungatha iziboshwa ezimbili ezeqe eNkantolo eNkulu eThekwini, ngoLwesithathu, ezitholwe zinecala lokuqotha amalungu omndeni amane kanye noyedwa owayevakashele umndeni esigamekweni esenzeka ngo-Okthoba eNteke, eMariannhill ngo-2017.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe uMboniseni Shozi noThobani Shozi, ngoLwesithathu batholwe benamacala amahlanu okubulala, ukuzama ukubulala nokutholakala nezibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni.
“Bagwetshwe ngaphambi kwesidlo sasemini (ngo-12) kanti bekumele baphinde bavele ngo-2 ntambama ukuze inkantolo imemezele usuku abazogwetshwa ngalo. Ngesikhathi amaphoyisa asenkantolo ebaphelezela sebebuya bawahlaselile, baweqa ngamandla babaleka,” kusho uMbele.
UMbele ucele abantu ukuthi bengazami ukuzibambela abasolwa kodwa baxhumane namaphoyisa uma bebonwa emphakathini.
“Inkantolo ikhiphe incwadi egunyaza ukuboshwa kwabo bobabili. Kucelwa noma ngubani ongaba nolwazi olungasiza amaphoyisa athinte uSergeant Mhlongo ku-084 089 2407, uSergeant Mzimela ku-082 458 5297, noma uCrime Stop ku 08600 1011.”
Laba basolwa bakwaShozi kodwa abangahlobene, batholwe benecala lokuqotha amalungu amane omndeni okubalwa kubo owayeyingoduso uNksz Thembeka Mchunu (37), uMnuz Mlindeni Gwala (28), Nsindiso Gwala (19), Kholwani Dube (20) nomngani womndeni uMnuz Linda Meyiwa (27).