AMACIKO aseNingizimu Afrika ngaphansi kwenhlangano yawo iBahlali Movement Drive, asekuqinisekisile ukuthi awazovota okhethweni lohulumeni basekhaya ngoNovemba 1.
Lokhu kuqinisekiswe ngomunye wamaciko ahola umkhankaso wokuduba ukhetho ngaphansi kwale nhlangano, uSibongile Mngoma.
Ukuqinisekisa lezi zindaba, uSibongile uthe basazoba neminye imibhikisho yokuzwakalisa ilaka labo kuze kufike usuku lokhetho, njengoba bekhala ngokunganakwa wuhulumeni bengamaciko.
Umbhikisho wabo obubizwa nge-Anti Manifesto ubuseNewtown, eGoli, ngoLwesibili. Uthe omunye uyeza emasontweni amabili ezayo.
“Sithathe isinqumo sokuduba ukhetho singamaciko ngoba ayikho into esiyenzelwa wuhulumeni. Njengoba sithi sidube ukhetho sibhekise kuwona wonke amaqembu epolitiki njengoba lingekho esizolivotela.
Okwenza siwadube wonke ukuthi ahlangene wonke ePhalamende kodwa alikho elikhuluma indaba yamaciko. Kumanje uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, uvule izwe lafika esigabeni sokuqala ngoba efuna ukuthi kuyiwe kovotwa. Kuzothi uma sekudlule ukhetho bese liyavalwa kukhalwe ngokunyuka kwezibalo zabahlaselwe yiCovid-19. Abantu abazophinde bathwale kanzima lapho yithina esingamaciko njengoba kuzobe sekuvalwe imicimbi esenza ngayo imali,” kusho uSibongile.
Uthe kumanje amaqembu epolitiki amatasa nokwethula imihlahlandlela yawo yokhetho futhi ahlanganisa abantu abaningi endaweni eyodwa. Lokho uthe kuzoba nomthelela wokunyuka kwezibalo zabaneCovid-19 bese kuvalwa izwe emva kokhetho baphinde balambe bengamaciko.
USibongile uthe ngaphandle kokubhekana nobunzima ngenxa yeCovid-19, uthe selokhu kwabusa uhulumeni wentando yeningi akukho okubajabulisayo bengamaciko njengoba benganakiwe.
Ebuzwa ngamaciko angahambisani nombono wabo angaphansi kweCultural & Creative Industries Federation of South Africa (CCIFSA), uthe abayingeni eyale nhlangano ngoba vele idlelana nohulumeni futhi amaciko angaphansi kwayo ayahlomula ezinhlelweni zikahulumeni.
Kwenzeka lokhu nje, kuleli sonto enye inhlangano yamaciko aseLimpopo, iLimpopo Artist Movement (LAM), idube uhlelo loMnyango wezeMidlalo, ezobuCiko namaSiko olubizwa ngeSilapha. Nayo ibibhikisha ikhala ngokunganakwa kwamaciko wumnyango, yathi ngeke ibe yingxenye yalolu hlelo.