NGESIKHATHI kuqhubeka umhlangano we-National Executive Commitee (NEC) ye-ANC e-Irene, ePitoli, izolo, amaqembu aphikisayo aphakamise ukuthi kuhlakazwe iPhalamende kusondezwe ukhetho.
Amaqembu aphikisayo abize isithangami nabezindaba athi afuna ukushaya uMengameli Jacob Zuma ngevoti lokungabethembi ubuholi bakhe kuleli sonto bese emuva kwalokho kuhlakazwe iPhalamende.
Ukubiza kwawo isithangami kungenxa yenzukazikeyi yodaba lokwehla kukaZuma esikhundleni emuva kokuthi kuhlehliswe inkulumo yesizwe kaMengameli ebizoba ngoFebhuwari 8. Emuva kwalokho kuvele imibiko yokuthi ubuholi obuphezulu be-ANC buxoxa noMengameli ngezinhlelo zokuthi ehle esikhundleni ngendlela engeke imhlambalaze.
Azihambanga kahle izingxoxo ubuholi obuphezulu be-ANC bagcina buxoxe neNational Working Commitee nayo engaphumanga nesixazululo. Ngemuva kwalokho uMengameli we-ANC, uMnuz Cyril Ramaphosa, uthe uxoxe noMengameli wezwe ngohlelo lokuthi ehle.
Azihambanga kahle lezi zingxoxo okufalazelwe wukuthi uMgcinimafa we-ANC, uMnuz Paul Mashatile, atshele abatshalizimali ngesonto eledlule ukuthi uZuma uyagoloza ukwehla esikhundleni.
Kuthe ngoLwesithathu kwahlehla umhlangano weNEC kodwa uMengameli akazange ehle esikhundleni njengoba ngeSonto, uRamaphosa ememezele ukuthi kuzoba nomhlangano ophuthumayo izolo wokubhunga udaba lokwehla esikhundleni kukaZuma.
Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, uthe uma uSomlomo wePhalamende, uNksz Baleka Mbete, engasiphenduli isicelo sabo sokuthi ivoti lokungabethembi ubuholi bukaMengameli libe kuleli sonto bazoya enkantolo ngo-10 ekuseni namuhla.
“Uma uMengameli esekhishiwe sizovusa isigaba-50 soMthethosisekelo esikhuluma ngokuhlakazwa kwePhalamende. Kufanele kube nokhetho kungakapheli izinsuku eziwu-90,” kusho uMnuz Mmusi Maimane ongumholi weDA.
Mayelana nokuthi uZuma ufuna ukuvikelwa, uMaimane uthe uZuma uzovikeleka uma esejele, akukho okunye abangamvikela ngakho.
Uthe bakhathele wukubuka i-ANC ingamehlisi esikhundleni uMengameli Zuma yingakho behlangene bengamaqembu aphikisayo ukuza neqhinga lokuthi kube nomholi ozoqokwa ngabantu.
“O(Mnuz) Derek Hanekom bebekhuluma ngokukhululeka kudala bethi akehle uZuma kodwa manje usubabona beculela izisu zabo. Balokhu bethi asilinde, sizolindani? Asisayifuni i-ANC ngoba ayizimisele ukulungisa isimo sezwe,” kusho uMalema .
Amazwi akhe ananelwe nguDkt Mbuyiseni Ndlozi, okhulumela i-EFF, othe noma ngabe uMengameli uyaphuma esikhundleni kodwa lokhu akusho ukuthi i-ANC izokwazi ukuphefumula.
“Uma kuwukuthi uMengameli Zuma uyazehlela esikhundleni kusho ukuthi kuzongena iPhini likaMengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa, ozophatha izinsuku eziwu-30 ngesikhathi kungakakhethwa muntu. Asimboni uMengameli Zuma ezehlela ngokuthanda kwakhe ngakho sifuna kube nokhetho olusha lapho abantu bezoziqokela bona uMengameli wabo,” kusho uNdlozi.
Uthe ngeke bakwazi ukubekezela ukuthi bavotele ukungabethembi ubuholi bukaMengameli Zuma ngoFebhuwari 22 ngoba izwe lidinga umhlahlandlela maduzane.
“Ngeke sivume ukuthi amadoda athile ahlangane ehlathini aqoke umuntu acabanga ukuthi kufanele aphathe izwe. Sizoya enkantolo ngoba sikhathalele abantu baseNingizimu Afrika. Asimfuni uZuma, asimfuni uCyril sifuna kube nokhetho kungakapheli izinsuku eziwu-90 uma sekuhlakazwe iPhalamende,” kusho uNdlozi.
Umholi weCope, uMnuz Mosiuoa Lekota, uthe ngeke bavume ukuthi i-ANC yenze okuphambene nomthethosisekelo.
Umholi we-UDM, uGeneral Bantu Holomisa, uthe amaqembu aphikisayo afuna kubuyelwe ebantwini ukuze kube yibona abakhetha umholi oqotho.
UDkt Corne Mulder, we-FF Plus, uthe balandela umthethosisekelo ngokuthi kulandelwe isigaba somthetho-102 ovumela ukuthi babe nevoti lokungamethembi uMengameli bese kuvuswa isigaba-50 esikhuluma ngokuhlakazwa kwePhalamende.
Umholi we-APC, uMnuz Themba Godi, ekhasini lakhe le-twitter, uthe amaqembu aphikisayo afuna kube nokhetho ayadlala, yinto engasoze yenzeka leyo.
IPhini likaSomlomo wePhalamende, uMnuz Lechesa Tsenoli, obemele uNksz Mbete, uthe bayiphendulile incwadi ye-EFF efuna inkulumo yokungabuthembi ubuholi bukaZuma ibe namhlanje.
Uthe uNksz MBete umatasa nabameli mayelana nalolu daba futhi bayasicubungula isicelo. Imigomo yePhalamende ithi kumele kuxhunywane nazo zonke izinhlaka okubalwa kuzo noSotswebhu weqembu elibusayo.
Uqhube wathi ayilona iqiniso imibiko ethi sichithiwe isicelo se-EFF sokuthi kube nale nkulumo namhlanje.