ABEBEZITIKA ngocansi emotweni esimobeni, basikazwe ngesagila maqede baphucwa imoto iToyota Tazz.
Lesi sigameko senzeke esimobeni eCanelands, eVerulam ngoLwesine ebusuku.
Lezi zithandani kuthiwa zithuke zoma ngesikhathi kuthushuka umlisa thizeni ehlome ngesagila esimobeni.
Ngokusho kwesikhulu esibhekele ukusebenza kwiReaction Unit South Africa, uMnuz Vinod Singh, lezi zithandani zidunwe imoto iToyota Tazz ngesikhathi zisazitika ngocansi.
“Abasebenzi bethu baphuthume esimobeni eCanelands ngemuva kokubikelwa ngalesi sigameko. Bafice owesifazane othe ungumsebenzi wasesikhumulweni sezindiza eKing Shaka.
"Uthe utholane nomnikazi wemoto esitolo sokudla oThongathi ngesikhathi ephuma emsebenzini. Lo mlisa umcele ucansi wathembisa ukumkhokhela,” kusho uSingh.
Uthe lo wesifazane ubatshele ukuthi ngemuva kwesivumelwano sabo banikele esimobeni, babe sebezitika ngocansi.
“Ngesikhathi besazitika emotweni, kuqhamuke umlisa obephethe isagila. Wabaphoqa ukuthi baphume emotweni, maqede wabaphuca izinto abebeziphethe, washaya wachitha nemoto.
“Umlisa uphumele emgwaqweni, wacela usizo ngemuva kokudunwa imoto,” kusho uSingh.
Uqhube wathi umnikazi wemoto esebuyela esimobeni, ufice iReaction Unit isikhuluma nalo wesifazane abebezikholisa naye ngocansi.
Kuthiwa umnikazi wemoto uqale waphika ukuthi uyamazi lo wesifazane. USingh uthe umnikazi wemoto uthe udunwe imoto eyongena esikhumulweni sezindiza.
“Ubuye wavuma (umnikazi wemoto) ukuthi lo wesifazane ukhuluma iqiniso.
“Zombili izisulu ziphume zingenamyocu njengoba umsolwa egcine ngokuzisikaza ngesagila.
“Akuqali ukwenzeka isigameko esifana nalesi. Kunezigebengu ezicuthela abantu abenza ucansi emotweni esimobeni. Phambilini izisulu zashaywa ngesagila nenduku yensimbi,” kusho uSingh.
Uxwayise abantu ukuthi bawuyeke umkhuba wokuyokwenzela ucansi esimobeni ngoba kufaka impilo yabo engcupheni.
Imizamo yokuthola izisulu ezithintekayo ayiphumelelanga.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutanant Colonel Thulani uthe, alikho icala elivuliwe emaphoyiseni.
USingh uthe endaweni yesigameko kwafika amaphoyisa asoThongathi kodwa kukancane ukuthi umnikazi wemoto ulivulile icala ngenxa yokusabela ihlazo emndenini wakhe, njengoba eshadile enomuzi.