ABASAKAZI besiteshi somphakathi saseNewcastle iNCR 103.7 FM bamise izingoma nezikhangiso, banekela abalaleli usizi lwabo emoyeni, becikwa ukungaholelwa izinyanga ezingaphezu kwezinhlanu.
Laba basakazi nguMazwakhe ‘Kumkani’ Maphumulo ongena ngo-12 emini, uMello Wabantu noDJ Trouble, abangena ngo2.30 kuya ku-5 ntambama. Kuze kwaphoqeleka ukuthi omunye wabaphathi angene nezicabha ezindlini zokusakaza, waphuca laba basakazi umbhobho.
Baphazanyiswa nje bebesematasa bebalisela abalaleli ngokuhlukumezeka kwabo kulo msakazo. “Ningasibona sihleka sengathi kumnandi, akunjalo, sihlukumezekile. Asiholile. Sesikhathele ukuza kulo msakazo sinuka ngoba singenayo imali yokuthenga insipho. Sifika sinuka amakhwapha ngoba asazi sizoyitholaphi imali yokuthenga iziqholo. Nalapha sifika ngo-lift ngoba asinayo imali yokugibela.”
Ethintwa uKumkani uthe bese bebekezele kakhulu futhi bezama ukuxhumana nabaphathi kodwa bengezi emihlanganweni.
“Beyingasekho enye indlela. Akumnandi ukuthi uthi usakaza, uthole izincomo kubalaleli kodwa bengazi ukuthi uhlukumezekile.
“Kubuhlungu ukuya emoyeni sewubizwe umphathi ngaphansi kweziketi zikamama wakho, okuyinto eyenzeke kaningi kumina kodwa ngikhale sengisekhaya. Uma ukhalaza usatshiswa ngokuxoshwa. Angisenendaba nokuxoshwa kodwa ngifuna izingane eziza ngemuva kwethu zifike kungasaxhashazwanwa kulo msakazo.”
UKumkani uthe yena useneminyaka emithathu esebenza kulo msakazo kodwa usahole kathathu noma kahlanu imali ewuR500 noma ewuR1 200.
Abasakazi abagcine ukusakaza ngoMsombuluko ngoSihle Mbatha noSifiso Ndlozi, abenza uhlelo lwasekuseni, uZama Khumalo owenza oluka-9 ekuseni noDJ Trouble nozakwabo uMello Wabantu kodwa izinhlelo zabo zibanjwe ngabanye.
UMnuz Magembe Mokoena, ongomunye wabaphathi kulesi siteshi, wenqabile ukuphawula kodwa wathi akukhulunywe nosihlalo webhodi kodwa obelungangeni ucingo lwakhe.