ABAQWAYIZI bafuna uhulumeni abatakule njengoba enza kubasebenzi abazoma emsebenzini ngenxa yokuqubuka kweCoronavirus.
Abasebenzi bezinye izimboni banikwe ilungelo lokuthi abaqashi babo babacelele imali ye-Unemployment Insurance Fund (UIF) kulezi zinsuku eziwu-21 uma izwe livaliwe.
NgoLwesine uNksz Lesego Tlhwane weSex Workers Education and Advocacy Task Force (Sweat), uthe abaqwayizi bazontula uma izwe livaliwe ngakho uhulumeni kufanele abanxephezele.
Uthe nabo bangabasebenzi abafana nabanye futhi ukuqwayiza ngenye yezimboni ezindala emhlabeni jikelele enabantu abaningi.
“Abadayisa ngomzimba nabo bayakudinga ukubhekelelwa wuhulumeni ngoba bayasebenza. Siyacela uMengameli Cyril Ramaphosa alekelele abaqwayizi ngokwenza umsebenzi wabo ube semthethweni abasize nangoxhaso njengoba enza kwabanye abasebenzi,” kusho uNksz Tlhwane.
Abaqwayizi abazozithola bephatheke kabi noma bentula ngesikhathi kuvalwe izwe kufanele bathinte iSweat ku-0800 60 60 60 noma bathumele * “Please call me” ku-071 357 7632.
Abanye abaqwayizi baveze ukuthi sebesebenza online ikakhulukazi labo abangama-stripper ukujabulisa amakhasimende abo.
Abanye bathe kunezindlela zokujabulisa amakhasimende ezintsha selokhu kuqubuke iCoronavirus ezihlanganisa ukungasondelani nawo kakhulu okuhlanganisa ukuwadansela kuphela.