AMAPHOYISA athole isidumbu sesihlanu epulazini likamoba eMthwalume, KwaZulu-Natal. Lokhu sekufake umphakathi itwetwe futhi usola ukuthi kungenzeka ukuba uhlezi nomalugaju oqotha abesifazane.
Izolo emini amaphoyisa atakulayo ahamba nezinja ezihogela umkhondo athole isidumbu sowesifazane sinqunu ehlathini. Yisidumbu sesihlanu esitholwe kule ndawo kusuka ngoMashi kwaqala umvalalendlini. Ezinye izidumbu zitholwa zinqunu futhi sezonakele.
UMnuz Siya Gama ongumnikazi wepulazi iBJ Gasa Farm ukhiphe umehlokaboni kaR20 000 kumuntu onemininingwane ezosiza kuboshwe umsolwa, wathi uzoqasha nabaphenyi abazimele abazothungatha umbulali. UGasa ugxeke ithimba eliphenyayo wathi lihudula izinyawo emsebenzini walo.
“Asineme ngophenyo lwamaphoyisa okuze kube manje akukaboshwa muntu. Kusukela esigamekweni sokuqala akukaze kuseshwe ipulazi futhi kuphonswe imibuzo mina nabasebenzi basepulazini. Satshelwa ukuthi kunethimba eliphenyayo kodwa asikaze silibone sazi iphoyisa elilodwa nalo elingafiki lizophenya epulazini,” kusho uGasa.
Izolo iMeya yaseMzumbe uNkk Londolo Zungu ifikile kule ndawo. Ngesikhathi uNkk Zungu ekhuluma nabeSABC uthe babuhlungu ngokubulawa kwabesifazane, balahlwe esimobeni.
Uthe zehla izigameko zokudutshulwa kwabantu ngemva kokufika kukaNgqongqoshe wamaPhoyisa uGeneral Bheki Cele noMkhuzi wamaPhoyisa eKZN uLieutenant Khombinkosi Jula kule ndawo futhi ayemaningi amaphoyisa ayeqaphile.
“Esikhathini esidlule bebebulawa ngokudutshulwa abesifazane kusukela eQoloqolo kuze kufike lana. Ukufika kukaCele kwadambisa isimo manje abesifazane sebebulawa ngale ndlela,” kusho uNkk Zungu.
Oyilungu lomphakathi uNksz Hlengiwe Gasa, uthe bahlezi nomalugaju emphakathini ngakho bazizwa bengaphephile.
“Abesifazane ababulewe bashiye izingane emhlabeni. Inhliziyo ibuhlungu ngoba asivikelekile futhi asiphephile,’ kusho uNksz Gasa.
NgoMashi kwatholakala izidumbu esezonakele ezimbili zezelamani zakwaGumede oneminyaka engu-25 nowayena-16, okwakubikwe ukuthi badukile.
Kwavulwa idokodo ngokufa kwabo futhi akutholakalanga ukuthi babulawa yini ngoba nemiphumela yokuhlolwa kwezidumbu zabo ayitholanga ukuthi babulawa yini ngenxa yokonakala.
NgoJulayi kutholakale isidumbu sowesifazane wakwaDube oneminyaka engu-23 sinqunu sinenxeba esiswini okungacaci ukuthi ngelokugwazwa noma ngelokudutshulwa. Kwavulwa icala lokubulala. NgoLwesibili kutholwe isidumbu sowesifazane wakwaChiliza (35) sinqunu kuleli pulazi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Thembeka Mbele uthe amaphoyisa aphenya zonke izigameko zokubulala.
UNgqongqoshe woMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi KwaZulu-Natal uNkk Nonhlanhla Khoza, uxwayise abesifazane ukuba bahlale beqaphile unxuse amaphoyisa ukuba anyuse amasokisi ophenyweni lwawo.
“Njengamanje sididekile futhi sishaqekile ngokwenzeka eMthwalume. Siyakholelwa ukuthi amaphoyisa azosebenza ngokuzikhandla ethungatha abasolwa ababophe,” kusho uNkk Khoza.
Uthe nakuba kungakacaci ngembangela yalokhu kubulala kodwa kungenzeka kunomalugaju eMthwalume.