NJENGOBA kuvulwe izikole abanye abazali babhekana nomqansa wokungazi ukuthi wuhlobo luni lomphako abangawulungisela izingane zabo.
Lokhu kudideka ukubona ngabanye babo abenza ukudla okuphambene nalokho okumele bakulungisele izingane, nokudingeka ezikoleni njengoba ezinye zezikole zikubeka kucace ukuthi kumele ingane iphathe ukudla okunempilo.
Imvamisa lezi ezinabazali abangakunaki ukubaluleka kohlobo lokudla okumele bakulingise, uzifica ziphethe ukudla okungenayo impilo nokungenazo nhlobo izakhamzimba.
Izitsha zazo zijwayele ukuba nomphako ogcwele izoso, uswidi omningi, amakhekhe wodwa noma ijusi enoshukela omningi ngokweqile.
Umpheki uChef Nono Mtshali, uthe kubalulekile ukuthi umzali enze ukudla okungeke kubuye ekhaya kungadliwanga nhlobo yingane.
“Abazali kumele benzele izingane zabo ukudla okuhehayo okuzokwenza ukuthi izingane zikuqede. Ngakho ukwenza uhlobo lomphako owodwa ngoba unqena, kungagcina sekuholela ekutheni ingane yakho ingakuthokozeli nhlobo ukudla umphako wayo esikoleni,” kusho uChef Nono
Uthe uma ingane ibuya nomphako ekhaya kumele umzali azibuze ukuthi kungani ibuye nakho?
Uthe ziningi izindlela ezingasetshenziswa ngabazali ezingenza ukuthi izingane zabo zihlezi zikuthakasela ukuvula izitsha esikoleni uma sezihlangene nezinye izingane.
Phakathi kohlobo lokudla athe abazali bangakufaka, ubale isemishi elithakwe nokudla okufana noshizi, upholoni, lettuce, cucumber, umkhwepha wenkukhu nakho konke okunye okwenza ukuthi isemishi lihehe.
Uthe isidlo ebesidliwa ngobusuku bayizolo esifana nepasta, i-lasagne kungaphathwa yizingane ezikoleni. Ama-wrap athakwe ngezindlela ezahlukene uthe angafakwa esitsheni somphako wengane.
“Asikho isidingo sokuthi ingane ihlezi yenzelwa amasemishi uma iya esikoleni. Izingane ziyacikeka wukudla into eyodwa ngaso sonke yisikhathi yingakho kusemqoka ukuthi abazali basebenzise amacebo ahlukile,” kusho yena.
Uqhube wathi ukudla kwengane kumele kuqikelelwe ukuthi kunezakhamzimba.
Uthe kumqoka nokuthi abazali bajwayeze izingane zabo ukuthi ziphuze kakhulu amanzi kunejusi.
“Ingane ingaqala ukujwayezwa lo mkhuba wokuthanda ukuphuza amanzi ekhaya ukuze ingabi nayo inkinga yokuwaphuza nasesikoleni.”
Omunye umpheki, uNksz Ntokozo Khanyile, uthe ama-sliders afakwe i-mince, utamatisi, u-lettuce nocucumber ngokunye abazali abangakwenzela izingane.
Uthe i-sauce kumele abazali badlalele kude nayo ngoba inomkhuba wokona ukudla kwengane njengoba isikhathi esiningi yenza ukuthi ifike nakho esikoleni sekumanzi futhi kungasanambitheki ngendlela efanele.
“Kunokuthi kube nama-chips eceleni kwesitsha somphako, umzali akafake ukherothi ongaphekiwe noshizi we-cheddar namagrebhisi, ubhanana noma i-aphula. Ibhodlela elinamanzi lisemqoka kakhulu emphakweni wengane. I-yoghurt ngezinye zezinto ezinezakhamzimba abazali abangazifaka, ” kusho uNksz Khanyile.
Uphethe ngokuthi ama- meat balls nawo ayathakaselwa kakhulu yizingane.
Uthe umzali kumele aqikelele ukuthi ufaka amathathu kuphela njengoba esuke ehambisana ne-wrap kwesinye isikhathi.
Nakhu okunye ukudla ongakulungisela ingane yakho:
Pizza bread
Ama-fish cake