KUGQUGQUZELWE abazali ukuthi banake izingane zabo ezineminyaka ewu-15 kuya ku-19 kwazise ucwaningo luveza ukuthi iningi lazo liyazibulala.
Njalo ngoFebhuwari 14 kuya kuFebhuwari 21, iSouth African Depression and Anxiety Group (Sagad) iqwashisa ngokuzibulala kwezingane ezineminyaka ewu-15 kuya ku-19.
Ngokocwaningo luka-2020 lweWorld Health Organisation (WHO), kuvela ukuthi izingane ezikule minyaka zisengcupheni yokuzibulala ngenxa yokhwantalala.
UDkt Frans Korb onguSihlalo weBhodi leSadag futhi ongudokotela wengqondo, ucele abazali ukuthi bayeke ukuzitshela ukuthi izingane azihlaselwa wukhwantalala ngoba akusilo iqiniso leli.
“Izingane ziyaba nokhwantalala ikakhulukazi kulesi sikhathi sokufunda online, ukungayi esikoleni, ukuhlala ngawedwana, ukushonelwa nezinye izimo zempilo. Ucwaningo luthole ukuthi izingane ezineminyaka ewu-15 kuya ku-19 zisengcupheni enkulu yokuzibulala. Sikhumbuza abazali ukuthi ukhwantalala alukhethi bala, minyaka, bulili, inkolo nesimo somnotho. Luphatha noma wubani,” kusho uKorb.
Uthe ziningi izingcingo abazithola kulayini wabo wokugwema ukuzibulala ngakho abazali kubalulekile ukuthi basondele ezinganeni zabo.
UNkk Cassey Chambers obhekele ukusebenza kweSadag, uthe abazali othisha nabanakekela izingane abavamisile ukukhuluma ngokuzibulala.
“Siyabagqugquzela abazali, abagada izingane nothisha ukuthi bakhulume ngodaba lokuzibulala. Ucwaningo lukhombisa ukuthi izingane okukhulunywa nazo ngalesi sihloko azibi nomqondo wokuzibulala. Ukugwema ukukhuluma ngokuzibulala yikhona okungaholela ekutheni izingane zizibulale ngoba zisuke zingazi ukuthi zizoxoxa nobani ngezingqinamba ezibhekene nazo,” kusho uNkk Chambers.
Uthe ngoFebhuwari 24 bazoba ne-webinar yamahhala ezolekelela othisha ukuthi bakhulume ngodaba lokuzibulala, eyabazali izoba ngoFebhuwari 25 ngo-1emini.
Uma ingane ibhekene nezingqinamba eziningi ingashayela u-0800 567 567 ukukhuluma nabaluleka ngengqondo, ingathumela ne-sms ku-31393 lapho izoshayelwa khona ozoyiluleka. Zingaya kwi-website ethi:www.sadag.org.