ISIKHUNGO esigunyaza ukusetshenziswa kwemithi yokwelapha kuleli iSouth African Health Products Regulatory Authority (SAHPRA), sigunyaze ukusetshenziswa komgomo weCovid-19, okhiqizwe yiJohnson &Johnson ngaphandle kocwaningo.
Njengamanje umgomo okugonywa ngawo abasebenzi bezempilo bekuvumeleke ukuthi usetshenziswe njengengxenye yocwaningo iSisonke Protocol, manje lesi sikhungo sesigunyaze ukuthi usungasetshenziswa ukugoma abantu okungeyona ingxenye yocwaningo kodwa nakho kuzokwenziwa ngaphansi kwemibandela.
Isikhulu esiphezulu kwiSAHPRA uDkt Boitumelo Semete-Makokotlela, sithe ukugunyazwa kwalo mgomo kuncike ekutheni uphephile okuvezwa imininingwane ethunyelwe ngabakhiqizi bawo kulesi sikhungo kusukela phakathi kukaDisemba nyakenye noMashi walo nyaka.
"Omunye wemibandela ukuthi lo mgomo usetshenziswe kulandelwa imigomo nemibandela yoMnyango wezeMpilo kuleli, okungukuthi kumele imiphumela yocwaningo oluqhubekayo ngawo lo mgomo umnyango waziswe ngayo nokuthi kumele abakhiqizi bazise umnyango ngohlelo abanalo lokulawula ubungozi," kusho uDkt Semente Makokotlela.
Uthe okwamanje imininingwane yalo mgomo iveza ukuthi awubagulisi kakhulu abantu uma bewusebenzile, kuyenzeka bagule nje okungatheni okufana nokukhathala, ubuhlungu lapho bejove khona, ubuhlungu bekhanda nokucanuzela kwenhliziyo.
Uthe okwamanje lo mgomo ungagcinwa izinyanga ezingu-24 uma ubekwe endaweni enokubanda okungu-minus 25 degrees kuya ku-15 degrees.
Kulezi zinyanga lo mgomo ungakwazi ukugcinwa efrijini elizowenza ube yiqhwa kodwa uma sewuke wancibilikiswa ngeke usakwazi ukuphinde uwenze iqhwa futhi.
UNgqongqoshe wezempilo uDkt Zweli Mkhize, uthe imigomo engu-1 million ekhiqizwe iJohnson&Johnson izofika kuleli kule nyanga, engu-900 000 yokwengenza izofika ngoMeyi nangoJuni.
Uthe izibalo zabagonyelwa iCovid-19 zizoqala ukwenyuka kusukela ngoJulayi.
Uthe lo mnyango wawuhlele ukuthi uzothola umgomo ongu-5.5 million okhiqizwe yi-Pfizer, obekuzogonywa ngawo kuze kufike kuJuni kodwa lo mgomo ubambezelekile.
Uthe okunye okubambezele uhlelo lokugoma ukuthi i-AstraZeneca eyase ithengiwe kuleli kwatholakala ukuthi ayiliviki igciwane elitholakale kuleli i501Y.V2.
"Kudingeke ukuthi sishintshele ekusebenziseni iJ&J nayo ebingeningi, besithola leyo ebuya kwamanye amazwe. Kodwa uhlelo lwethu lona belukulungele ukugoma abantu," kusho uMkhize.
Uthe i-AstraZeneca ebithengwe kuleli isidayiselwe i-African Union (AU).
Uthe amazwe abelwe lo mgomo yiNigeria, Ghana, Senegal, Guinea, Togo, Sierra Leone, Zimbabwe, Liberia, Mauritania, Gambia, Guinea-Bissau, Malawi, South Sudan, Comoros, Egypt, Seychelles, ne-Uganda.