UKUTHOLAKALA kwabantu abanobhubhane lweCovid-19 okubalwa nosaziwayo sekuyinto ejwayelekile kodwa ingcindezi yomqondo yiyona eyenza kube nzima kakhulu ukwamukela.
Iningi labantu ezinkundleni zokuxhumana liveza ukuthi ukusabalala kwama video ezinkundleni zokuxhumana abantu beveza ngokugula kwabo kwenza kube nzima ukwamukela.
Uvalo luqala nangesikhathi umuntu ezizwa esenezimpawu zaleli gciwane nakho okusuke kuhambisana nemicabango yokwesaba.
Phakathi kwabanye bosaziwayo esebeke baba neCovid-19 kubalwa nomculi ophinde abe ngumhlengikazi, uKhanyisa Mbuthu weqembu Iziqhaza.
UKhanyisa uthe ngesikhathi ethola izindaba zokuthi uneCovid-19 wacishe washayeka phansi ukwethuka. "
’’Úhlobo lomsebenzi engiwenzayo bengikulindele ukuthi kungenzeka ngigcine ngigula. Kodwa kwaba isimo esihlukile kwangathi bengingazi uma sekufanele ngiyohlolwa. Kwathi uma kubuya imiphumela ngacishe ngaquleka, okubuhlungu ukuthi akekho umuntu okululekayo ngesimo ongabhekana naso,"kusho uKhanyisa.
Eqhuba uthe ngokwesipiliyoni sakhe ukululekwa ngokomqondo ngendlela efanayo nanoma ngabe umuntu uhlolela siphi isifo yikhona akubona kungehlisa ingcindezi kumuntu.
Lokhu uthe ukubone ngesikhathi kufanele ahlolwe kanjalo noma esethola imiphumela.
"Abantu abaningi bacindezelwa nayindlela efika ngayo imiphumela. ISMS ingena noma yingasiphi isikhathi. Yangena kimi ngoJulayi 7 ngingalindele nokuyinto eyangethusa kakhulu. Enye yezinto engicabanga ukuthi ingenziwa kangcono indaba yokutshela umuntu imiphumela ngoba abantu abefani bamukela ngezindlela ezahlukene,"kusho uKhanyisa.
Echaza ngesimo sakhe uthe sesingcono kakhulu kodwa umfutho wegazi yiwona abona ukuthi wenza abantu bagcine sebegula kakhulu.
"Ukuthuka kwenyusa umfutho wegazi, inhliziyo ishaye ngamandla. Uma inhliziyo isishaya ngamandla kusho ukuthi seyiphampa igazi kakhulu, sekuhamba isikalo segazi esidlulele emthanjeni yegazi. Inkinga iqala lapho bese kuba nzima ngisho ukuphefumula kumuntu’’.
’’Engingakusho ukuthi leli gciwane alidingi uthuke, kumele uzilungiselele ngokomqondo,"kusho uKhanyisa.
Ephetha uKhanyisa uthe uyafisa ukusinda kwakhe kube yisibonelo emphakathini, ukuthi kuyasindeka kuleli gciwane.