UKUDLA ngendlela efanele nezokusiza uthole umsoco oqinisa amasosha omzimba kulezi zikhathi ezinzima zeCovid19, yinto eshunyayelwayo.
Kodwa kubafundi abazobhala izivivinyo zokuphela konyaka, lokhu kubaluleke ukwedlula zonke izikhathi.
Nakothisha imbala, lesi akusona isikhathi sokuvuka udle noma yini engeke iwusize umzimba wakho, ukuthi ubhekane nengcindezi ekhona yokwesaba ukuhaqwa yilo mkhuhlane. Kunjalo nje, kumele ubhekane nokweluleka futhi nokududuza umfundi onengcindezi yokubhala izivivinyo zokuphela konyaka.
Ongoti abeluleka ngezindlela ezifanele zokudla bathi, akumele umfundi noma uthisha bahambe, bengasidlile isidlo sasekuseni. Baxwayisa ngokudla umfudumezo ekuseni, bathi kumele kube yisidlo esinomsoco esizosiza umuntu ukuthi ababhekane nezinselelo zosuku. Abeluleki bathi kumele umfundi noma uthisha baqikelele ukuthi bayawuthola uvithamini C. Okuhle wukuthi akudingeki ukudla kube wuhlobo olumba eqolo kodwa okuningi ungakuthola ekhaya nokuphekwa zonke izinsuku. Odokotela kwezokondleka komzimba baluleka ukuthi kudliwe imifino nezithelo ngisho wenza isikhafitini sengane, kumele ungakushiyi ngoba umzimba uyakudinga.
Ukudla okune-zinc njengofishi, ubhontshisi, amakinati, inyama ebomvu nezinye izinhlobo zezinhlanzi kuyasiza. Amakinati ohlobo lwe- almond abalulekile kakhulu, futhi umuntu angawadla nesidlo sasekuseni noma uma ehalela ukudla okusheshayo ukuze athole izakhamzimba. Ukudla izithelo nemifino kusiza umuntu athole amavithamini okuwu-A (fishi), C (amawolintshi namanatshi) no-E otholakala (imifino namakinati)
Iziphuzo
-Phuza izingilazi zamanzi eziyisishiyagalombili kuya kwezingu-10 ngosuku. Lokhu kukusiza ngokuthumela imisoco lapho kumele ifinyelele khona nokhuculula ukungcola egazini, nakwezinye izingxenye zomzimba ezibalulekile.
Ukuphuza amanzi akusho ukuthi ungakuphuzi okunye, ungaphuza kancane ujusi noma esiny isiphuzo.
Abezempilo batusa ujusi oxutshe ngemifino, izithelo namanzi. Uma ungumuntu okhonze itiye, qaphela ungasebenzisi ushukela kakhulu okungenani faka uju, bese ugada nesikalo secaffeine singabi siningi.
Uma ingane yakho ithatha imishanguzo yesifo esithile, ungalenzi iphutha yiphuzise noma uyikhumbuze uma seyindala iziphuzisa.
Kuyasiza nokwazisa uthisha wayo ukuze naye akulekelele ukuyikhumbuza uma kumele iwaphuze nasemini isesesikoleni.
UGinger nolamula
-Ingxubevange kalamula noginger isabalulekil ngoba nayo ithi ayisebenze njengamanzi kodwa futhi iphinde ikulekelele ekulweni nomkhuhlane nokugula okungakuhlasela kalula.
Usawoti noshukela
-Qikelela isikalo sokudla okunosawoti noshukela, okungenani usawoti owudla ngosuku awube ngaphansi kuka-5g okuyinto elingana nethisipuna. Iziphuzo ezinoshukela, oswidi namakhekhe nakho kuyingozi okungenani uma ukuhalela zama ukudla izithelo.
Kwabanezingane ezifunda amazinga aphansi, kubalulekile ukuzithengela ama vithamini asaswidi nalawo okuthi uma ziwaphuza anambitheke sajusi.
Lokhu kuzokusiza ekutheni zikujabulele ukuwasebenzisa ngoba zichazwa nawukunambitheka kwawo.