DKT BONGANI NXUMALO
KWAKHE kwafika isiguli sesifazane esasineminyaka eyevile ku-33, esasiqala ukuza kwesinye sezikhungo zethu, sikhala ngokukhathala okwakuvithiza umzimba, amalungu omzimba, izicubu nomqondo kucobeke.
Ukuba kwakuya ngaye ungathi wayengaba yinto ehlala izilalele nje, kungavumi lutho. Ukusukuma wayephoqwa ukuthi umsebenzi wakhe wayewuthanda, futhi kumele enze imisebenzi yasekhaya njengomama wekhaya. Wayexabana nomyeni wakhe ngento engenamsebenzi, futhi wazithola engasakwazi ukuma aqoqe umqondo engxoxweni, amagama abekwazi ukuwaphimisela engasaphumi kalula, angiphathi uma esengxoxweni esampikiswano; wayezithola esevele asheshe anikezele into ayengayijwayele.
Wayeshaywa wuvalo ayengalujwayele umzimba wakhe wawuqhaqhazela uma ebeka unyawo, nalapho ethi uyabamba into ngesandla, yiso leso uyaqhaqhazela, ajuluke kakhulu azwele ukushisa nomzimba ushise.
Ibhalansi emzimbeni yayingesakho kahle esehamba ekhutshwa wubala nasemzimbeni nje wayezibona encipha.
Engxoxweni esaba nayo sathola ukuthi ukugula kwakunesikhathi esevile onyakeni kumshuka, enenkinga yokuqwasha ebusuku ehlala kuze kube zintatha ekuseni kungalaleki.
Ubelokhu ecabanga ukuthi unengcindezi yomqondo, ebuka nokukhandleka emsebenzini nasekhaya njengembangela yokushintsha kwesimo sempilo.
Abangani ayenabo baya belokhu bencipha ngenxa yokuthi bese enenhliziyo encane.
Ekuhambeni kwesikhathi uthi wazithola engasenandaba nocansi, engasafiki kuvuthondaba, inhliziyo yabe isincane, izinto eziningi ebezibalulekile engasenandaba nazo.
Wayenengane eyodwa ayithola engakashadi nayo isindala, lapha emshadweni kudala bezama beguduza imimango yokuthola umntwana, lutho kungenzeki. Odokotela ayehamba kubo babelokhu bemi ngokuthi unokhwantalala futhi unesifo sokwethuka okuthiwa yiPanic Disorder, nemishanguzo yomqondo wayeseyiqalile kodwa engawuboni umehluko.
Uma ebuyela kodokotela bakhe babelokhu beshintshana ngaye bemthatha igazi kodwa imiphumela yayilokhu ingaphumi nalutho okanye kuthiwa ilahlekile. Yimpilo le abese eyiphila saze sahlangana naye.
Lesi sifo esigxile kuso namhlanje asithathi ohlangothini oluthile kwezobulili, noma nje izinombolo zigebela kwabesimame ikakhulu futhi nezincwadi ezinkulu ziyakuvuma lokhu.
Kunomunye umfo ongumuntu wesilisa, oneminyaka eyevile ku-50 owayelokhu ekhala ngovalo, ukungalali ebusuku, naye wayencipha umzimba ukhathala. Yena kwakuzwakala sengathi ingalo yakhe iyaqanda sakuvithizeka phakathi engalweni.
Uthi kwakungebuhlungu kodwa kwakulokhu kunokuvithizeka kwengalo okwakuzwakala ngaphakathi le kude kuhambisana nomuzwa osabu’tiya’.
Uchaza uthi le nto yayifika ngaphambi kokulala, awulali uma ikuphethe uze ulale lapho iphela khona. Kwesinye isikhathi kuyenzeka kube nento enyuka iyothi ngci esifubeni kungaphefumuleki, kokunye kuze kushe nezwi. Ekuphandeni sathola ukuthi bese enenhliziyo encane, esenomkhuba wokubeka unkosikazi nezingane isandla, kungasekho ukuthula ekhaya. Induku yavele yaziwela yangavuma ukuvuka, yawela phakathi, yagcina izinciphela nangokosayizi. Ukusuza kwathi ngila, into ebingenzeki. Konke lokhu kwengeza ingcindezi yomqondo, odokotela belokhu bemyalela ukuthi makabonane nosonhlalakahle nodokotela wengqondo.
Lezi zigameko zombili zibangwa ukuvuvukala, nokuphunduleka ukusebenza kwendlala iThyroid. Le ndlala ilapha ngasegilweni emqaleni, ihlukaniswe kabili. Umsebenzi wayo ojwayelekile ukuba ngunondweba womzimba, lokhu kuchaza ukuthi okwenzeka emzimbeni kugqugquzelwa yile ndlala, uma ingasasebenzi izinto ziyonakala.
Imbangela yokuphunduleka ukusebenza kubangwa amasosha omzimba avele asuke ahlasele le ndlala, ayidlikidlikize igcine seyenza ukuthanda kwayo emzimbeni. Emuva kokuthi lezi ziguli sihlangane nazo, kwangicacela ukuthi imbangela yalokhu kugula yile ndlala iThyroid.
Okuhle ukuthi lezi ziguli zabuyela ezimeni zazo zaphila, usisi wagcina emtholile nomtwana. Ubaba wayeka nesibhaxu ekhaya, induku yabuyela ekusebenzeni kwayo; kwaba mnandi emndenini.
Engicela sikubone lapha ukuthi zonke izifo zinomsuka wazo, umsebenzi wami njengomthunywa wezempilo ukuthi uma isiguli siphambi kwami angenze konke okusemandleni ukuthi ngiyithole imbangela yokugula kwaso.
Kimi njengomuntu okuzofunwa usizo kuyena akungabi lula ukuthi leli gazi nalokhuya akuniki mpendulo, imbangela yokugula kwakho asiyazi, ngakhoke hamba uye kwabezenhlalakahle mhlawumbe kunento abazokusiza ngayo okanye hamba uye kudokotela oweluleka ngokomqondo kungenzeka kunesimo ongasinakile esenza ugule ngale ndlela.
Yebo kungaba yiqiniso lokho kodwa sonke siphila nengcindezi ethile emqondweni, angithi? Omunye uzothi, phela dokotela abantu abamukeli, izinto azizweli ngokufana emzimbeni womuntu. Nalokho ngiyakuvuma, kodwa uma ubuka lezi ziguli ezingenhla ukuba asithathanga isinyathelo sokucinga, sisuse izidindi ukuze sithole umthombo wokugula asazi ukuthi isimo sabo ngabe sinjani namhlanje, mhlawumbe namanje nengane ngabe akaze ayithole usisi, isibhaxu ngabe siyaqhubeka ekhaya, induku yenza ukuthanda kwayo kowesilisa.
Lokhu kuchaza ukuthi wena onenkinga yokuthola abantwana, wena oke wakhulelwa kodwa kwavele kwama nse, wangasazi isizathu, bheka ukuthi iziphi ezinye izimpawu ezisemzimbeni ngaphambi kokuthi ulahle ithemba, okanye uthi kwangena isilwane mhlawumbe imimoya yavala isibeletho.
Hamba uye kudokotela noma kumuphi umsizi wakho wezempilo ozokuhlolisisa afune imbangela. Nathi thina bafowethu nodadewethu ezikhungweni zokusebenza ngezempilo, ake sifunisise imbangela yokugula kwabantu bethu. Kubuhlungu kumuntu ogulayo okuthi isifo simhlukumeza, thina silokhu sithi ukugula akubonakali, yena engamile ethatha igazi, kushintshane odokotela ngento efanayo kulokhu kuthathwa igazi.
Ekugcineni anqobeke umuntu. Bese kuba khona lokhu kokuvele sithi imbangela yi-acid noma isifo samathambo njalo nje. Akekho okuphikisayo uma ngempela kunjalo kodwa ngithi asingakhohlwa ukuzibeka esayidini lesiguli okanye labasondelene nogulayo izikhathi eziningi.
Mpilonde!