ISILOMO somculo wekwaito uNomasonto "Mshoza" Maswanganyi uchitha amahlebezi okuthi ziyawushaya kuye maduze kulandela ukuthola umyeni wesine.
Lokhu kuza emuva kokuthi uMshoza ekhulume kuhlelo lwethelevishini i-Afternoon Express, lapho etshele khona umethuli wohlelo uJeannie D ukuthi angase ashade noma yinini ngonyaka ozayo.
Lokhu kwenze uMshoza waphenduka undabuzekwayo ngisho ezinkundleni zokuxhumana kwazise akukakapheli nonyaka ehlukene nosomabhizinisi waseBergville ebengumyeni wakhe.
FUNDA: Isoka selimphuce izinkampani nesitebele somculo uMshoza
Ethintwa uvumile ukuthi kubo bamatasa nokulungiselela izinhlelo zomshado ozoba ngesonto elizayo. "Abantu bayathanda uhlanezela inkulumo uma umuntu ekhuluma. Yebo, ukhona umshado ekhaya kodwa kuzobe kungashadi mina. Njengamanje usisi wami usangene ezitolo bengizokhuluma naye ukuqinisekisa ukuthi uyena oshadayo ngesonto elizayo. Okwamanje ngisashade nomculo wami futhi akekho osangithembise umshado," kusho uMshoza.
Eqhuba uMshoza uthe usagxile emculweni futhi uyakujabulela ukuthi umucu wakhe othi Ayina Chorus wakamuva wenza kahle kuma downloads. " Ingoma yami seyenze u-10 000 kuma Itunes ezinyangeni ezimbili, iyona into esangajabulisile okwamanje. Abanye abayeke ukukhuluma izinto ezingekho ngami,"kusho uMshoza.
Noma ewachithile amahlebezi kodwa le ntokazi iveze ukuthi ayinankinga nomshado uma usufikile ingashada inqobo uma kuwumuntu onothando nozimisesle ngayo.