EMUVA kokumthela ngehlazo ezinkundleni zokuxhumana umculi wekwaito ngokuqoma iphoyisa, seliphinde lamphuca nezinkampani abethola ngazo udumo isoka lakhe uMshoza.
Usomabhizinisi waseBergville, uThuthukani Mvula, wavula inkampani nesitebele somculo iFresh Money Family obekwaziwa ukuthi ekaNomasonto “Mshoza” Maswanganyi.
UMvula uthi ufuna uMshoza nesoka lakhe elisha baqale phansi ngemali yalo, ngeke anikele ngenkampani yakhe ukufihla ihlazo likaMshoza ukuthi akanalutho.
Lo somabhizinisi uthi ngesikhathi evula le nkampani emudle imali engaphezulu kukaR1 million, inhloso yakhe wayefuna ukuthuthukisa amaciko akule ndawo esebenzisana naye.
Uveze ukuthi uMshoza ubemnakekela ngemali engaphezulu kukaR30 000 ngenyanga ukugqiba ihlazo lakhe njengosaziwayo obewulopholo.
“Alikho ibhizinisi analo. Konke bekungokwami ngisho inkampani yomculo eyami akanamasheya kuyo.
“Bonke abantu abangaphansi kwayo bazoqhubeka nokusebenza kuyo. Isifiso sami kwakuwukusiza abantu bathuthuke njengoba bengenza nakuye ngithi ngiyamzama ngimenza umuntu.
“Ayikho inkampani yami angena kuyo nazokuthola. Yingakho ngishise ngisho idilozi ngifuna ayogqoka elikaR40 njengoba bengimthengela elikaR600 lilodwa," kusho uMvula ehleka.
Eqhuba uthe iqembu lekwaito iBergville nalo lizoqhubeka nokuqopha kule nkampani njengoba uMshoza nyakenye athembisa ukuthi lizokhipha i-albhamu.
IBergville ihlanganisa izelamani ezintathu okubalwa uNkosinathi “Natto” Shezi, Mlungisi “Mimi da DJ” Shezi kanjalo no-Andile “Bista” Shezi.
UNatto uthe basashaqekile ngalezi zindaba futhi bebengazitsheli ukuthi kungenzeka into efunze lena.
“Umuntu ubengazilindele lezi zindaba ngicabanga ukuthi okwamanje uMvula usahlela uzosazisa ngezinhlelo ezintsha.
“Akukho ebesikusola nebesikunaka ngoba abantu abasiphethe futhi bekungelula nokubona uma kukhona ongenzi kahle. Kodwa ngiyamthemba uMvula ngoba inkampani yaqalwa uyena uzokwazi ukuyibamba,” kusho uNatto.
Ephetha uthe kwenzeka lokhu bekunezi-ngoma ekumele uMvula azilalele ebesanda kuzenza kanti sekuzo-qhamuka indaba yesoka likaMshoza.
Ethintwa uMshoza usabele kabili kathathu wavele wavala ucingo kwangaba lula ukumthola njengoba ephucwe nezingcingo abezithengelwe uMvula.
Leli qembu nabanye abaculi abangaphansi kweFresh Money Family laqopha noMshoza ivideo yengoma yakhe ethi Abantu Bami okuvela kuyo uMvula nezinye zezimoto zakhe.