OMREPHA baseThekwini abakhiphe i-albhamu ngokuhlanganyela uZakwe noDuncan, bahlela ukuyiphendula bayenze iqophamlando elikhuluma ngempilo yabo.
Labo mrepha abaqala bengobhululu ngaphambi kokungaboni ngaso linye okwenza beqhelelane iminyaka ecela kweyisithupha, bakhiphe i-albhamu eqanjwe ngamagama abo ekuqaleni kukaDisemba ngonyaka odlule.
UZakwe uthe kuyona bachaza konke ngempilo yabo yingakho bekubona kufanele ukuthi kungagcini kuphela ngokuthi kukhulunywe ezingomeni kodwa kube nakwi-video ngeqophamlando.
Uthe basezinhlelweni zokulenza kodwa basalinde ukuzwa ukuthi imithetho yomvalelandlini izothanjiswa nini.
"Ngesikhathi siqopha umvalelandlini wawusuvele uqalile ngakho ezinye izinto esasizihlelile zangakwazi ukwenzeka ngenxa yokuthi akuvumelekile ukuthi kuhlangane abantu abaningi nokuba wuvanzi akuphephile," kusho uZakwe.
"I-albhamu ikhuluma ngami naye njengoba ezingomeni ezimbili zokuqala uDuncan uyachaza ukuthi kwakwenzekani empilweni yakhe ngesikhathi engaxhumani nami, kwelandelayo bese ngiyamphendula. Yonke nje i-albhamu ikhuluma ngempilo yethu ngoba kunengoma ekhuthazayo lapho sithi saqala abantu bengasinakile besihleka bethi ngeke siphumelele kodwa manje bheka ukuthi sikuphi. Kukhona nenye ekhuluma ngokuthi uNkulunkulu usisize kangakanani empilweni yethu."
UZakwe uqhube wathi beneme ngendlela abantu abayamukele ngayo i-albhamu yabo abapike kuyo uKwesta, Q Twins, K.O, Bongo Riot, Tira nabanye ngoba ibalwa nadayisa kakhulu kwi-hip hop kuleli.
"Inhloso yethu ukuthi ishaye igolide maduze. Empeleni ngeke siye ePhasikeni noma kushaye oJuni singakezwa lutho."
Uthe basanda kudedela enye ingoma ekuyo ethi Kapteni, abapike kuyo uKwesta noMusiholiq futhi ngesonto elizayo bazoqopha ivideo yayo.