UKELLY Khumalo useveze ukuthi ziningi izingoma asazozikhiphela abalandeli bakhe ezikwi-albhamu yakhe ayikhiphe ngonyaka odlule ethi The Voice of Africa (TVOA).
Ukusho lokhu ngemuva kokukhipha ingoma ethi Ngathwala Ngaye, ekule albhamu ngeledlule.
Kule ngoma athi eyothando, uveze ukuthi usebenze noMondli Ngcobo, obe nesandla kakhulu kule albhamu.
Ekhuluma neSolezwe uKelly, uthe njengoba uFebhuwari kuyinyanga yothando, ubone ukuthi akhiphe le ngoma ukuze izithandani ziyijabulele.
“Kusukela ngisagxile ekuculeni noRobbie Malinga, inyanga kaFebhuwari bengiyithatha njengokumele ngikhiphele ngayo izithandani ingoma, nalena ke ihambisana nayo le nyanga. Ingoma eqhakambisa uthando lena futhi kungijabulisile ukusebenza noMondli. Izwi lakhe lizwakale kule ngoma njengoba umkhulu umsebenzi esiwenze naye ngokubambisana kuze kube manje njengoba i-video yayo sesiyishuthile futhi izophuma maduzane,“ kusho uKelly.
Uthe uyalubonga uthando abantu bakuleli abalukhombise kule albhamu njengoba yenza kahle kakhulu.
“Izingoma engizikhiphe ngonyaka odlule abantu bazithakasele kakhulu, ukukhipha ingoma yokholo ethi Esiphambanweni, kwenze abantu babona indlela. Bengizimisele ngesikhathi ngiyenza futhi yenza kahle ngisho isisemphakathini,“ kuchaza uKelly.
Uveze ukuthi manje usefuna ukusebenza nabaculi abahlukene base-Afrika angakhipha izingoma nabo.
Uthe okunye azoba matasa ngakho ukulungiselela isizini yesibili yohlelo olukhuluma ngempilo yakhe oluthi Life with Kelly Khumalo.
Uveze ukuthi uthando olukhonjiswe ngabantu kusizini yokuqala yilona olwenze baqala ukulungiselela eyesibili.