UMCULI owaziwa ngokuba wumdansi uChomee uthi unovalo lokuthi abantu bazomamukela kanjani uma esebuya ngomculo omusha.
Sekunesikhathi uChomee owaqala ukuduma esadansela u -Arthur Mafokate agcina ukukhipha.
“Cishe zonke izinsuku abantu bayangibuza ukuthi ngizifihle kuphi, kwenzekani ngami. Abantu bakhathazekile. Abanye bacela umculo noma ingoma eyodwa. Kumnandi kodwa kuyathusa angazi noma kuzofika kuleli zinga abalilindele yini,” kusho uChomee.
Uthe uyakuqonda ukuthi abantu ngeke bamthande bonke engemali kodwa uvalo unalo.
Uqhube wathi kumele anyuse izinga ahambisane nesikhathi kodwa angashintshi kakhulu kulokhu abantu abamazi ngakho.
Uthe uyajabula ngokuthi wafunda ngoba usebenzisa imfundo yakhe ukuziphilisa uma engaculi.
“Nginamabhizinisi angenza ngibe matasa. Ngiphinde ngibe yilungu lebhodi leMoshito okuyingqungquthela yomculo enkulukazi okuba khona kuyo abaculi baphesheya.”
Uthe njengoba esebe semculweni iminyaka eminingi ufuna ukufukula abaculi abasafufusa.
“Nginenkampani yami iDivatainment kodwa ngisanenkontileka ne-999 Music. Ngiyafuna ukusiza abanye abaculi ngoba angiyikhumbuli inkampani yomuntu wesifazane enkulu. Kusakhonya abesilisa kulo mkhakha. Kazi yini eyenza lokho, mhlawumbe siyasaba. Ngifuna ukukushintsha konke lokho ngisebenzise ulwazi engiluthole kuyo yonke le minyaka. Ngifuna ukuludlulisa lolo lwazi.”