UBUYE ngesivinini uDJ wodumo endimeni yezokungcebeleka njengoba esemalungiselweni okukhipha i-EP yakhe maduze.
UDumile Kunene, odume ngelikaDJ Dumile ezindaweni zobumnandi, ubeseqalile ukubonakala enandisa ngezimpelasonto ngaphambi kokuthi izwe libuyele kumvalelandlini wesigaba sesithathu.
Exoxa neSolezwe NgeSonto uveze ukuthi bese kuyisikhathi eside ehlabe ikhefu kwezikaqedisizungu kodwa usebuyile.
"Empelei akukona ukuthi bengihlabe ikhefu kodwa bengimatasa ngizithuthukisa ngokufunda ama-software amasha okukhiqiza izingoma," kusho uDumile.
Uthe uma konke kuhambe kahle uzodedela i-EP ngamaholidi ePhasika, okuyilapho kuzozwakala izingoma zakhe, ezingakaze zizwakale. Lo mklwebhi wamapuleti usanda kukhipha ingoma ethakaselwa ngabaningi, apike kuyona uMafa no-Amanda ethi Falling For You.
Echaza ngengoma, uthe yiyona emnike ugqozi lokukhipha i-EP ngendlela abantu abayamukele ngayo.
"Bese nginesikhathi ngagcina ukukhipha ingoma kodwa kube sengathi angikaze nginyamalale, ngendlela abantu abangamukele ngezandla ezifudumele ngayo," kusho uDumile.
UDumile useke wasebenzisana nabaculi abadumile kuleli, okubalwa kubona uJoe Nina nabanye abaningi. Kulokhu wenze okuhlukile ngoba usebenzisana nophrojusa nabaculi abangakadumi, ngenhloso yokuvumbulula ithalente elisha.
"Kuhle ukubona namanye amaciko ephumelela kanti lokhu ngeke kufezeke uma sonke sizofuna ukusebenza nabaculi abadumile kuphela. Yingakho ngizimisele ukuvundulula ithalente elisha ukuze sonke sizokhuphulana kule ndima," kusho uDumile.
Uthe ezinye zezingoma uzoziqhulula kancane kancane ezinkundleni zokuxhumana njengoba zisavaliwe izindawo abejwayele ukunandisa kuzona.
"Ngizobazwisa kancane ukuthi i-EP izobe iphetheni ukuze kuthi mhla iphuma, kube wukuthi bese bekade bayilangazelela," usho kanje.
Uphethe ngokuthi ubonga akaphezi kubalandeli bakhe abangamdubanga yize eke wanyamalala isikhashana, wathembisa ulozolo lwezingoma njengendlela yokubabonga.