Lo mrepha osanda kunyelwa yinyoni esandleni ngokusayina nesitebela esikhulukazi saphesheya kwezilwandle, iDef Jam, ubeqala ngeZulu Man ukukhipha ingoma arepha kuyona ngolukaMageba.
Engxoxweni ekhethekile abenayo neSolezwe ngeSonto uthe le ngoma ibalwa nezinye ezizozwakala kwi-albhamu yakhe entsha, iZulu Man With Some Power, okulindeleke ukuthi iphume ngo-Agasti 28.
“Njengomfana waseLovu ngibone kufanele ngisebenzise ulimi lwami ngiphinde ngivale imilomo labo abebehlezi bengigcona ngokurepha ngesilungu kuphela,” kusho uNasty C.
Uthe le ngoma ikhuluma ngobunzima nangendlela ilokishi laseLovu elimkhuthaze ngayo ekufinyeleleni empumelelweni yakhe.
“Yize ngingasahlali khona kodwa angilenzi iphutha lokungadluli khona uma ngiseThekwini, ngigcine ngenyanga edlule nje,” usho kanje.
Abalandeli bakhe bebelokhu beyincome njalo le ngoma ezinkundleni zokuxhumana, abanye bencoma amavesi sakhe esiZulu.
UNasty C uveze ukuthi uqale eminyakeni emithathu eyedlule ukupheka ezinye zezingoma ezizozwakala kule albhamu ezayo.
“Kuzona zonke lezi zingoma ngibonga bonke ababe nesandla empumelelweni yami ngibuye ngikhulume ngokuba yisibonelo kwami ezinganeni zasemalokishini angadumile njengeLovu,” kubeka uNasty C.
Ephawula ngesimo esibhekene nemboni yezokungcebeleka eMzansi, uthe kuningi naye aphazamiseke kukona ngenxa yaso njengokuhambela amazwe angaphandle namagigi agcine ebhuntshile.
“Ngicabanga ukuthi yisona sikhathi lesi sokuthi sizijwayeze ukuthola izindlela ezintsha zokufukula imboni yethu. Kusobala ukuthi lokhu okwenzekayo kuyisiqalo sezindlela ezintsha osekuzokwenziwa ngayo izinto njengamakhonsathi akuYou Tube nokunye,” kusho lo mrepha.
Mayelana nokusayina ngaphansi kweDef Jam uthe kuyintokozo ukuthi ubuciko bakhe sebusezandleni zompetha bale ndima futhi abaneminyaka eminingi kuyona.
Uthe abalandeli bakhe bangalindela ulozolo lomculo nezinye izinhlelo eziningi asazozimemezela.