INHLANGANO iSouth Afica Music Performance Rights Association (Sampra) ithi uma iSouth African Broadcasting Corporations (SABC) ingafuni ukukhokha imali yama-royalties izofuna incwadi evimba ukuthi u-99% womculo odlalwa kule nhlangano uvalwe.
Ngakolunye uhlangothi, iSABC ithi isabone kwabezindaba ukuthi iSampra izimisele ngokuya enkantolo futhi izobhekana nalolu daba uma isiwatholile amaphepha.
I-Sampra ithe ifaka isimangalo enkantolo ukuze iphoqe iSABC ukuthi ikhokhe ngokusebenzisa umculo wabaculi abangaphansi kwayo.
"Ngesikhathi lapho kunzima ngakwezezimali, ngenxa yemigomo yomvalelandlini yeCovid-19, iSABC ibeka engcupheni impilo yamaciko nokusho ukuphela komsebenzi ngokunqaba ukukhokha imali engaphezu kukaR250 million esikhathini esevile eminyakeni emihlanu."
I-Sampra ithe iSABC ayiphuli kuphela umthetho kepha isebenzisa umsebenzi wabaculi ngaphandle kokuba ibakhokhele.
Isikhulu seSampra, uPfanani Lishivha, sithe sekuphele izinyanga ezingu-16 kwaqala umvalelandlini, iSABC iyaqhubeka nokuthela usawoti esilondeni kumaciko.
"Ngokuqhubeka nokungakhokhi kanjalo nokungakhulumi kahle, lo msakazeli uyaqhubeka nokubukela phansi amalungu eSampra."
Uthe bamele abantu abangaphezulu kuka-38 000 nezinkampani ezilinganiselwa ku-6 000 nokuyisibalo esingu-99% wazo zonke izingoma futhi iningi lazo ezidlala eziteshini zeSABC.
Okhulumela iSABC, uGugu Ntuli, uthe bakhathazekile ngezinsolo ezibhekiswe kubo futhi bazithathela phezulu.
"I-SABC ibeke eceleni imali eyisikweletu sokuthi ikhokhwe futhi izimisele ngokuyikhokha ezinhlanganweni eziqoqa imali. I-Impra (Independent Music Performance Rights Association) neSampra bayakwazi lokhu. I-SABC ayikakakhokhi ngenxa yokuthi zombili izinhlangano (i-Impra neSampra) azikavumelani ngamaphesenti okuhlukanisa imali."
UGugu uthe iSABC yahlangana nalezi zinhlangano ngoMeyi 8 wonyaka odlule, yize isivumelwano singatholakalanga kodwa kwavunyelwana ngokuthi kuzanywe isisombululo ngombango. I-SABC ithi yakhokha uR20 million ukuze amaciko asizakale.
I-Impra yakuqinisekisa ukuthola uR10 million.