UMISIWE ekwethuleni iThe Expresso Show kuSABC 3 umethuli wezinhlelo nezikhangiso kuthelevishini uKatlego Maboe kulandela izinsolo zokuhlukumeza umkakhe uMonique Muller nokuphinga.
Umfowabo womkakhe kuleli sonto nguye oqale ukubhala ezinkundleni zokuxhumana emsola ngokuhlukumeza udadewabo.
NgoLwesithathu kusabalale ivideo kaKatlego ezinkundleni zokuxhumana lapho avela khona ephekwa ngemibuzo mayelana ngokungathembeki kwakhe.
Kule video inkosikazi yakhe imkhethisa phakathi kwengane yabo nokuveza owesifazane alale naye okuphethe ngokuthi atheleleke ngesifo socansi. UKatlego Ugcina elidalulile igama lowesifazane kule video, naye osekumdonsele amanzi ngomsele ezinkundleni zokuxhumana njengoba kuvela ukuthi ushadile.
Ekhuluma ne-website enguzakwabo weSolezwe i-IOL Entertainment uKatlego uthe sebefake isihlukaniso somshado enkantolo. Uthe akafuni ukuphawula kakhulu ngesihlukaniso ngoba udaba olusenkantolo.
“Kusetshenziswe ingane yami njengesikhali. Njengobaba ngibekwe esimeni sokuthi ngicabange ukuthi ngimthanda kangakanani...ngesikhathi ngibeka engakusho kwivideo ngazama ukuthi ngivikele isithunzi salabo abathintekayo.
Bengizimisele ukukhuma naye ngalolu daba (unkosikazi) kodwa ngasheshe ngabona ukuthi kusukela ekuqaleni wayehlose ukuyikhipha le video,” kuchaza yena.
Uqhube waveza ukuthi empeleni nguye obesehlukunyezwa emshadweni wabo ebalula ukuthi inkosikazi yakhe yakhe yazama ukumkopolota amehlo futhi yake yamdonsa ngezimpama ezintathu kwabizwa amaphoyisa.
Abakhiqizi beThe Expresso Morning Show bathe usamiswe okwamanje uKatlego kulandela lezi zinsolo.
I-Outsurance nayo isiveze ukuthi izozisusa zonke izikhangiso zayo ezinoKatlego futhi bazomnikeza isikhathi sokuthi abhekane nalolu daba ngasese nomndeni wakhe.
Ebhala ku-Instagram uKatlego uzichithile izinsolo zokuhlukumeza umkakhe wathi uzoshiya konke ezandleni zenkantolo.