BAKHEXE imilomo abathandi bomculo kamaskandi abazinze eGoli. Lokhu kudalwe wukuhlehliswa kwendumezulu yekhonsathi yomculo kamaskandi, iGcwalis’ i-Orlando Stadium.
Inkonsathi yomculo ebibhekwe ngabomvu, futhi eyasungulwa nguKhuzani “Indlamlenze” Mpungose, ibihlelelwe ukuthi ibe ngoJuni 8, e-Orlando Stadium, eSoweto.
Isasasa lefestiveli lagqama kakhulu ngo-2019 ngesikhathi kusingathwa ikhonsathi yokuqala ngempumelelo iGcwalis iMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Kuleyo ngqophamlando yekhonsathi kaKhuzani, kwakuboshelwe inqwaba yomaskandi, okubalwa neHhashi Elimhlophe.
Echaza uKhuzani ngokumenze wathatha isinqumo sokuhlehlisa ifestiveli uthe kube yisimo esingaphezu kwamandla abo njengabagqugquzeli.
“Emhlabeni ukuze kufezeke iphupho lakho nesifiso sakho kudingeka izandla eziningi nemigudu eyahlukahlukene. Uma kukhona okungakahlangani akumele uphoqe ngoba hleze wenze into engahlelekile. Njengomuntu owaziwa ngokwenza izinto zenzeke futhi ezihlelekile, angibi nawo amahloni okuhlehlisa ukuze ngizinike isikhathi esanele sokuhlela into yami ukuzw ibe sezingeni elifanele.”
UKhuzani uthe yize konke sekumi kodwa kuthathe isikhathi ukuthi kuhleleke.
“Ngenxa yokubuka isikhathi sesisincane kakhulu. Sisalelwe inyanga eyodwa, vo. Izinto zisuke zalunga sekusondele. Ngaleyo ndlela ngithi ngicela sithi ngozololo, ngizokhipha usuku olusha nenyanga entsha uma sesivumelene nenkundla.”
Esephetha uKhuzani uthe konke lokho kuzokwenzeka uma inkundla isiqinisekisile ukuthi ibanika luphi usuku ngoba kuyinkundla yebhola, sebeyolinda i-fixture yesizini ezayo.