UMCULI we-Afro house, uCandy Tsamandebele Mokwena, ushaqekile ebulawa ephila nguzakwabo uTumi Masemola, owayecula kwiGang of Instrumentals.
Ngenkathi ezwa ngokudlula emhlabeni kukaCandy Moloi, obenguVho-Makhadzi kuMuvhango, uTumi ubhale ekhasini lakhe le-Instagram ebhonga emswaneni ngosaziwayo asebeshonile.
Ubhale kanje: “Inhliziyo yami iphatheke kabi. Angisiye umuntu ovamise ukuveza abantu abashonile ezinkundleni zokuxhumana. Kimina kufana nokutusa ukufa kodwa namhlanje ekuseni ngizolila esidlangalaleni ngabantu besifazane abasaqhubeka nokungikhuthaza zinsuku zonke. Sengathi bangaphumula ngothando. Ngidlulisa amazwi enduduzo emindenini yabo,” kubhala uTumi olingisa kwiThe River.
UTumi uyilahle ngokufaka isithombe sikaCandy Tsamandebele esikhundleni sikaCandy Moloi, oshonele esibhedlela sasePitoli ngoLwesibili ntambama.
Abantu abaningi balile kakhulu ngoba bebengazi ukuthi noCandy Tsamandebele akasekho kanti kube wukuphaphalaza kukaTumi.
Ebona uzakwabo emngcwaba ephila, uCandy Tsamandebele, osanda kujoyina iSkeem Saam, unikele kwi-Instagram yakhe, watshela abalandeli bakhe ukuba behlise amaphaphu ngoba usadla anhlamvana.
“Ngisekhona bafowethu. Ngiyaphila,” kusho uCandy Tsamandebele obelingisa nobizo wakhe ongasekho emdlalweni obuthi Giyani: Land of Blood futhi osanda kukhipha umucu othi Tsonga Boy.
Bajabulile abalandeli bakhe ukuthola ukuthi iqhawekazi labo lisewumqemane.