KUQUBUKE impi yamazwi, kwashoda ozogadla phakathi kwezinkakha zomculo zakuleli, uSello Chicco Twala no-Aurthur Mafokate emva kokumenywa kwabo ohlelweni, iThe Clement Manyathela Show, olungena njalo phakathi nezinsuku kwiRadio 702 kusukela ngo-9 kuya ku-12.
Indaba ebisegudwini bekuyimali elinganiselwa kuR300 million, obekumele iNational Arts Council (NAC) isize ngayo amaciko anezindlela zokwandisa amathuba emisebenzi kule ndima, ibuye amaciko akhahlamezwe yisimo seCovid-19.
UTwala uthe kuyamangaza ukuthi ezicelweni ezingu-7000, kwatonyulwa isicelo sikaMafokate ukuthola uxhaso.
“Ngiwumkhokhi wentela. Abanye bethu bafaka izicelo zoxhaso lwe-NAC ukuze bazicebise bona. Kuyathusa impela ukuthi ebantwini abangu-7,000 kuvele kutonyulwe isicelo sika-Arthur,” kusho uChicco.
Kulona lolu hlelo uMafokate uphike walala ngomhlane ukuthi kunemali aseke wayithola evela kulo mkhandlu. Kodwa uthe ubesafake isicelo sezinhlelo ezimbili anazo.
“Zikhona izicelo ezimbili engazifaka. Izicelo zami zaphumelela kodwa kukhona obekusavimbile mayelana nenkokhelo. Indodana yami, u-AJ, kukhona uxhaso eluthole ekuqaleni konyaka kodwa anginalo ulwazi olugcwele ngezinhlelo zayo,” kusho u-Arthur.
UTwala uthe akanankinga ngokucela uxhaso kuhulumeni kukaMafokate, kodwa akumele aqambe amanga ngokuthi lolo xhaso ufuna ukulwenzani.
“Kokunye wathola uR9 million wakwaLotto. Akekho ongazi ukuthi la mathalente ayewatholile kwakuyizintombi (zakhe). Angikhulumi ngamahemuhemu. Nginanobufakazi bokuthi abaculi abathathu kulabo aseke wabavumbulula unezingane nabo,” kusho uChicco.
UMafokate uthe kuyibhadi ukuthi esikhundleni sokuthi kunakwe izinkinga ezibhekene namaciko kugiywe ngethambo lakhe, ngezinto ezithinta impilo yakhe yangasese.
“Angazi ukuthi kusukela nini mina noChicco siyizitha ukuthi usengaze angihlambalaze ngalolu hlobo. Angazi ukuthi inkinga ikuphi uma ngithole uxhaso ekubeni nesicelo bengisifakile,” kusho u-Arthur.
Omunye wabaculi ongayizwa kahle le ndaba ngumculi waseThekwini, uL’vovo, osenxuse kaningi uNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko, uMnuz Nathi Mthethwa ukuthi ababoshwe abathintekayo uma kukhona abadle imali yabaswele.
“Inhliziyo igobhoza igazi ngoba sekucace bha ukuthi amaciko amaningi angeke abulawe yiCovid-19 kodwa azobulawa wukhwantalala, uma kunemali okuhloswe ngayo ukusiza amaciko kodwa ingafinyeleli kuwona,” usho kanje.