Ezokungcebeleka Ezemisakazo

Umunyu ebuyela ekhaya ngebhokisi owayengumsakazi

Nonkululeko Nhlapo|Published

ALOKHU engene njalo amazwi enduduzo ngokudlula emhlabeni kowayengumsakazi ohamba phambili kuMhlobo Wenene uMthobeli KCI August.

UKCI utholakale emzini wakhe oseGoli esethule ngoLwesihlanu (Disemba 29, 2023).

Ukushona kwakhe kuthuse abaningi ngoba bekungakaze kuvele izindaba zokuxineka noma ukungaphili kahle. Isitatimende somndeni esakhishwa ngosuku lwesigameko ebusuku sathusa abaningi abanikela ezinkundleni zokuxhumana bekhala ngaleli ciko ebeliwuthanda umsebenzi walo futhi liwenzisisa.

Umndeni wakwa-August uveze ukuthi lo msakazi uzofihlwa ekhaya ngempelasonto. Inkonzo yomngcwabo wakhe izobanjelwa enkundleni yezemidlalo, iWanderers, ese-Adelaide.

Lo mndeni udlulise ukubonga enkampanini ehlela imingcwabo, iBleki & Blackie Funeral Directors neyabakhiqizi bamabhokisi namatshe i-Abahlobo Coffins & Tombstones Manufacturers, ngokuvula izandla zazo zibambisane nomndeni ngalesi sikhathi esinzima.

Yize wonke amalunguselelo omngcwabo enzelwa esifundazweni i-Eastern Cape, kukhona nemibiko ethi umzimba kaKCI uhanjiswe ekhaya ngoLwesithathu, inkonzo yakhe yesikhumbuzo ihlelelwe uLwesine ngo-2.00 emini ebandleni i-Assemblies of God House of Refuge, eSandton.