SEKUHLANGANE abesifazane bathwebula iqophamlando (docu-series) elizobeka isithombe esicacile ngabathi kwenziwa ngumculi weRn'B, uR. Kelly abamsola ngokubanukubeza ngokocansi.
Leli qophamlando elizoba yiziqeshana lizobheka ngeso elibanzi izinsolo zokunukubezwa kwalaba besifazane kuhlanganisa nokuhlukumezeka komqondo ababhekana nakho.
Ngokombiko weRolling Stone, leli qophamlando iSurviving R. Kelly, kuhlelwe ukuba liphume ngasekuqaleni konyaka ozayo.
Sekuphele iminyaka eminingi izinsolo zokunukubeza, ukulala nabesifazane abancane ngeminyaka nokubenza izigqila zocansi zilokhu zikhona.
Umehluko okhona kulokhu wukuthi abanye babesifazane abadlule kukhona nabasondelene noR. Kelly baphumela obala.
FUNDA: Kuyambhedela uR. Kelly
Lezi zinsolo ziqale ukunakwa ngesikhathi uR. Kelly ethandana futhi eshada nomculi u-Aaliyah owayeneminyaka engu-15.
Umshado wabo wathathwa njengowawungekho emthethweni wachithwa.
Nonyaka umculo kaR. Kelly uke wavalwa kwi-app yomculo ephambili, uSpotify, ngemuva kokuqina komkhankaso wokuthi ungabe usadlalwa umculo wakhe phesheya.
Inhlangano elwela amalungelo abesifazane, iTime’s Up, yathi akavalwe kuyona yonke imisakazo namakhonsathi lo mculi osekunesikhathi ebhekene nezinsolo zokuhlukumeza abesifazane ngokocansi.