UBUQEMBUQEMBU ezingeni labaphathi kuKhozi FM benza kube nzima ukusebenza ngokukhululeka kubasakazi.
Lokhu kushiwo wumthombo owazi ngesimo othe sekuyinto eyaziwayo ukuthi kunokungatholani kubaphathi osekuholele ekutheni kube nabasakazi abahambisana nabaphathi abathize.
Umthombo uthe kubo abaphathi bebodwa kukhona abanamandla amakhulu kunabanye. Uthe nezinqumo ezithathwe kamuva ezihlanganisa ukufakwa kwabasakazi ezikhathini ezithile nokumiswa kwabanye zikuveza ngokusobala ukuthi mkhulu umonakalo kanti likhona iqembu elinamandla kunelinye kubaphathi.
“Abasakazi okwaziwa ukuthi bahambisana nohlangothi oluthize bahlezi bebhekiwe ukuthi bathini emoyeni. Kunabanye okwaziwa ukuthi basekhaya. Uma kulwiwa nabasakazi kuvele kuthiwe benza okungekho emigomeni yeSABC ekubeni kuyizinto ezingafunwa nje ngabathile kuphela ezingahlanganise lutho nenhlangano.”
Omunye umthombo uthe isinqumo ngecala ebelibhekene noLinda Sibiya siphume enokuthile abekuhlanganisa nalo msakazo kodwa kuthe kungaphuma isinqumo kwanyamalala konke kwayena (uLinda) wangabe esabonakala. Uxhaso abelufuna akucaci noma usazoluthola yini ngoba sekunomsakazi (Bheka Mchunu) okuthiwa umiselwe ukubiza igama lakhe emoyeni.
FUNDA: Kuyaqhubeka ukumiswa kwabasebenzi oKhozini
Umthombo uthe kuzomele ubuholi obuphezulu e-Auckland Park bungenelele.
Uthe uBheka useyalelwe ukuthi abhalele abaphathi incwadi echaza ngesenzo sakhe.
Kuphinde kwavela ukuthi kumiswe noNgizwe Mchunu ngezinsolo zokuthi wayedlulisa izindaba zomsakazo kwabezindaba ngonyaka odlule.
Isolezwe seliphinde lahabula ukuthi akusibona kuphela laba abamisiwe kodwa kukhona noSandile Mdlalose oyi-technical producer yezinhlelo Sithakela Isizwe, uhlelo lukamaskandi ngoMgqibelo iS’giya Ngengoma nolomculo opholile lwangeSonto Ezingasoze Zabuna.
Sekuphele amasonto amabili engekho emsebenzini. Icala lakhe kuthiwa libucayi ngoba lithinta ukukhwabanisa izikhangiso.
Umthombo uthe usolwa nangokufaka umculo wakhe kwiS’giya Ngengoma, okuwuhlelo adume kakhulu ngalo ngoba uyaye azwakale ekhuluma kuyo.
Echitha ukuthi umisiwe, uMdlalose uthe uyasebenza.
“Okufonelile akaphinde akutshele kahle ngoba ngiyasebenza. Kumanje ngingena emsebenzini,” esho izolo emini.
Nokho omunye umthombo uthe akaze abe khona emsebenzini amasonto amabili. UMdlalose uzobanjelwa nguCasper Ngobeni kwiSithakela Isizwe.
"ISABC ibhekene nenkinga yezimali futhi kumele idilize ngoba inabaphathi abaningi. Kungenzeka ukuthi izembe ligawule nasoKhozini uma behluleka ukusebenzisana noma kuhlanganiswe ezinye izikhundla. Unesibindi umsakazi oseyihlongandlebe ngoba okulandelayo kuzodilizwa, kungenzeka kuqalwe ngaye. Abantu ababheke isimo, akuhambi kahle manje kumele abasakazi nabaphathi basebenze ngokuzikhandla," kusho umthombo.
Imizamo yokuthola okhulumela iSABC, uNeo Momodu, ayiphumelelanga. Uthumele umyalezo othe ucela ukukhuluma ngoWhatsApp kodwa wangawuphendula umyalezo okhomba ukuthi uwufundile.