USIZI ingane igubha iminyaka emibili yokuzalwa izolo ngaphandle kwabazali bayo ababulawe ngesihluku ngesikhathi bedutshulwa owayebasola ngokumkweleta uR300.
UNksz Phindile Nkomo (28) noMnuz Ntobeko Mhlungu (29), okungabazali bengane esihlala nogogo wayo, badutshulwe bashona ngenyanga edlule emqwashweni eNazaretha, ePinetown.
Kusolakala ukuthi uNkomo wayekade ekweleta uMnuz Phiwinhlanhla Nzama (45) ongumshayeli weloli ethutha izinkwa. Kuthiwa wayemkweleta u-R300
Kubikwa ukuthi uNksz Nkomo wadutshulwa esendlini encelisa ingane yakhe.
Isidumbu sikaMhlungu satholakala emva kwendlu, sinamanxeba amabili okudutshulwa esifubeni nasesiphongweni. Lezi zigameko zenzeke ngo-Ephreli 14 ebusuku.
Uphenyo luholele ekuboshweni kukaKhuzwayo, wabekwa amacala amabili okubulala. Ungaphandle ngebheyili kaR5 000 ayinikezwe iNkantolo yeMantshi yasePinetown yize uMbuso wawukade uyiphikisile.
Le ndoda yaboshwa ngo-Ephreli 17, isibhamu sayo esisemthethweni satholakala sesigqitshwe esibayeni sezimbuzi kubo eKranskop.
Unina kamufi, uNkk Duduzile Khuboni, ukhombise ukumangala, wathi kunzima emhlabeni.
Ubuze ukuthi umsolwa udedelwe kanjani ngebheyili ekubeni enza isihluku ebulala ingane yakhe ingamenzanga lutho?
“Akungiphethe kahle, futhi ngiphatheke kabi ngokuthi umsolwa unikezwe ibheyili. Asazi ukuthi kuhamba kanjani uma iqiniso lingekho kanje. Ungaze ubulale umuntu umbulalele uR300?” kubalisa unina kamufi.
Uqhube wathi umzukulu wakhe, osebhekwe uyena, ubekade ehlanganisa iminyaka emibili izolo kodwa akasenabo abazali.
“Iyakhula ingane, ike yasihlupha unina esanda kushona ngoba ibingahlukani naye isancela ibele. Ibikhala ihlupha kodwa kuthe esengcwatshiwe yaba sesimeni esikahle. Kubuhlungu khona ngoba ayisenabo abazali futhi angiboni ukuthi ngiyoke ngikhohlwe umntwana wami,” kusho uNkk Khuboni.
Uchaze indodakazi yakhe wathi akayazeli ukuntshontsha kodwa ubeyazela ukuthanda utshwala okuyinto obungeke uyithinte kuyona.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe umsolwa uzophinde avele enkantolo ngoJuni 14, kusaqhutshekwa nophenyo.